IzEnzo 6:4 - IsiZulu 2020 Kodwa thina sizakuzinikela ekukhulekeni nasenkonzweni yezwi.” IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kepha thina sizakuqinisela ekukhulekeni nasenkonzweni yezwi.” Baasraak Zulu New Testament Bible Kepha thina siyakukhuthalela ukukhuleka, nasenkonzweni yezwi. Contemporary Zulu Bible 2024 Kepha thina siyakukhuthalela ukukhuleka, nasenkonzweni yezwi. |
Bonke laba baqinisela ekukhulekeni benhliziyonye bekanye nabesifazane, noMariya unina kaJesu, nabafowabo.
Bazinikela njalo esifundisweni sabaphostoli, ekuhlanganeni, ekuhlephuleni isinkwa, nasemikhulekweni.
Ngokuba uNkulunkulu, engimkhonzayo ngenhliziyo yami yonke ngokulishumayela ivangeli leNdodana yakhe, ungufakazi wami, ukuthi nginikhumbula njalo
Ngokuba uma ngishumayela ivangeli, lokho akuyona into engingazikhukhumeza ngayo, ngokuba ngimele ukuba ngenze kanjalo. Maye, kimina uma ngingalishumayeli ivangeli!
Ngiyathanda ukuba nazi ukuthi nginikhandlekela kakhulu kangakanani nina nabaseLawodikheya nabo bonke abangakaze bangibone ngamehlo,
Uyakhonza kini u-Efratha ongomunye wenu, inceku kaKhristu uJesu, enilwela njalo emithandazweni, ukuze nime niphelele, niqinisekile entandweni yonke kaNkulunkulu.
Nitshele u-Arkhiphu, nithi: “Qaphela ukuba uwufeze umsebenzi owawemukelayo eNkosini.”
shumayela izwi, ulungele ukulishumayela, noma kuyisikhathi noma kungesiso. Sola, ukhuze, ugqugquzele ngakho konke ukubekezela nokufundisa.