Ngubani ofana nomuntu ohlakaniphile na? Ngubani owazi incazelo yendaba na? Ukuhlakanipha kwenza ubuso bomuntu bukhazimule, nokunyukubala kobuso bakhe kuguquke.
IzEnzo 6:15 - IsiZulu 2020 Bonke ababesemkhandlwini bamgqolozela uStefani, babona ubuso bakhe kungathi ubuso bengelosi. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kwathi bemgqolozela bonke ababehlezi emphakathini, babona ubuso bakhe kungathi ubuso bengelosi. Baasraak Zulu New Testament Bible Bonke ababehlezi emphakathini bamgqolozela, babona ubuso bakhe kungathi ubuso bengelosi. Contemporary Zulu Bible 2024 Bonke ababehlezi emphakathini bamgqolozela, babona ubuso bakhe kungathi ubuso bengelosi. |
Ngubani ofana nomuntu ohlakaniphile na? Ngubani owazi incazelo yendaba na? Ukuhlakanipha kwenza ubuso bomuntu bukhazimule, nokunyukubala kobuso bakhe kuguquke.
Kepha abalungileyo bayakukhanya njengelanga embusweni kaYise. Onezindlebe makezwe.
Waphenduka esinye isimo bezibonela ngawabo; ubuso bakhe bakhanya njengelanga, izingubo zakhe zaba mhlophe njengokukhanya.
Kepha Mina ngithi kini: yilowo nalowo othukuthelela umfowabo, uyakuba necala ayokwehlulelwa ngalo. Nalowo othi kumfowabo: ‘Silima,’ uyakuba necala emphakathini, nalowo othi: ‘Siwula,’ kumfowabo uyakuba necala, aphonswe esihogweni somlilo.
Waphinda futhi wabeka izandla zakhe emehlweni ayo, yavula amehlo, yasinda, yabonisisa konke ngokucacileyo.
Kepha thina sonke ubuso bethu obambuliwe esibuka inkazimulo yeNkosi ngokungathi esibukweni siyaguqulwa, sibe njengalowo mfanekiso, kusuka kuleli zinga lenkazimulo kuya kwelinye, lokhu kuvela eNkosini enguMoya.