Ngiyokwedeleleka, kodwa okukhulu ngiyakuzithoba emehlweni ami, kepha izincekukazi okhulume ngazo ziyongihlonipha.”
IzEnzo 5:42 - IsiZulu 2020 Abayekanga ukufundisa nokushumayela ivangeli ngoKhristu uJesu imihla ngemihla, ethempelini nasemakhaya. IBHAYIBHELI ELINGCWELE abayekanga ukufundisa nokushumayela ivangeli ngoJesu Kristu imihla yonke ethempelini nasemakhaya. Baasraak Zulu New Testament Bible Nsuku zonke ethempelini nasendlini ngendlu kabazange bayeke ukufundisa lokushumayela ngoJesu Kristu. Contemporary Zulu Bible 2024 Nsuku zonke ethempelini nasendlini ngendlu kabazange bayeke ukufundisa lokushumayela ngoJesu Kristu. |
Ngiyokwedeleleka, kodwa okukhulu ngiyakuzithoba emehlweni ami, kepha izincekukazi okhulume ngazo ziyongihlonipha.”
Ngalezo zinsuku uJesu wayefundisa ethempelini emini, bese kuthi ebusuku ahambe ayolala entabeni okuthiwa eYeminqumo.
Benginani imihla ngemihla ethempelini, anelulanga zandla ukuba nimelane nami, kepha manje yithuba lenu leli, namandla obumnyama.”
Kepha abanye kubo, amadoda ayevela eKhuphro naseKhurene, kwathi ukuba bafike e-Antiyokhiya, bakhuluma nakumaGriki, beshumayela ivangeli ngeNkosi uJesu.
Kepha abathile kubo, osonjulalwazi bama-Ephikhuru nabamaStoyikhu, baphikisana naye, abanye bathi: “Leli phoshophosho lithini na?” Abanye bathi: “Sengathi lishumayela ngonkulunkulu abangaziwa,” ngenxa yokuba wayeshumayela ivangeli ngoJesu nangokuvuka kwabafileyo.
ebachazela futhi ekhombisa ukuthi uKhristu kwakumele ukuba ahlupheke, avuke kwabafileyo, nokuthi: “UJesu lo engimshumayela kini unguKhristu.”
Imihla ngemihla bazinikela nganhliziyonye ethempelini, ekuhlephuleni isinkwa emakhaya, badla ukudla kwabo ngentokozo nangenhliziyo emsulwa,
Angizange futhi ngikugweme ukunitshela lokho okuwusizo nokunifundisa phambi kwabantu nakuzo izindlu ngezindlu.
Manje, Nkosi, bheka ukusongela kwabo, unike izinceku zakho ukuba zikhulume izwi lakho ngaso sonke isibindi,
Kwathi kungakapholi maseko, wayeseshumayela ngoJesu emasinagogeni, ukuthi Yena uyiNdodana kaNkulunkulu.
Ngokuba nganquma ukuthi angiyukukwazi okunye kini, kuphela uJesu Khristu, lowo obethelwe esiphambanweni.
ukuba iNdodana yakhe ayambule kimi, ukuze ngishumayele ivangeli lakhe kwabezizwe, angizange ngibuze muntu ngaleso sikhathi.
Kepha mina makungabi bikho lutho olunye engizincoma ngalo, ngaphandle kwesiphambano seNkosi yethu uJesu Khristu, okungaye izwe selabethelwa kimi, nami kulo.
shumayela izwi, ulungele ukulishumayela, noma kuyisikhathi noma kungesiso. Sola, ukhuze, ugqugquzele ngakho konke ukubekezela nokufundisa.