IzEnzo 5:34 - IsiZulu 2020 Kwase kusukuma omunye emkhandlwini, umFarisi ogama lakhe nguGamaliyeli, isazimthetho esihlonishwayo esizweni sonke, wayala ukuba laba abantu bakhishelwe phandle isikhashana; IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kwase kusukuma omunye emphakathini, umFarisi ogama lakhe linguGamaliyeli, isazimthetho esitusekayo esizweni sonke, wayala ukuba abantu bakhishwe isikhashana; Baasraak Zulu New Testament Bible Kwasekusukuma omunye emphakathini, umFarisi ogama lakhe linguGamaliyeli, umfundisi womthetho otusekayo kubantu bonke, wayala ukuba abaphostoli bakhishwe isikhashana; Contemporary Zulu Bible 2024 Kwasekusukuma omunye emphakathini, umFarisi ogama lakhe linguGamaliyeli, umfundisi womthetho otusekayo kubantu bonke, wayala ukuba abaphostoli bakhishwe isikhashana; |
Izikhulu nabo bonke abantu bathi kubaphristi nabaphrofethi: “Lo muntu akafanele ukufa, ngokuba ukhulume kithi egameni likaSimakade uNkulunkulu wethu.”
Kwase kusukuma abanye abangamalunga ezwe, bakhuluma kulo lonke ibandla labantu, bathi:
U-Elinathani, uDelaya noGemariya babeyinxusile inkosi ukuba ingawushisi umqulu, kodwa ayibalalelanga.
Kuthe sekwedlule izinsuku ezintathu, bamfumana ethempelini, ehleli phakathi kwabafundisi, ebalalele, futhi ebabuza.
Ngolunye lwalezo zinsuku uJesu efundisa, kwakuhleli lapho abaFarisi nezazimthetho ababephuma kuzo zonke izifunda eGalile, eJudiya naseJerusalema. Amandla eNkosi ayekuye ukuba aphulukise.
UJesu waphendula, wathi kuye: “Wena ungumfundisi ka-Israyeli, kodwa awukwazi lokho na?
“Mina ngiyindoda engumJuda ezalwa eTharsu eKhilikhiya, kodwa ngakhulela kuwo lo muzi, ngasezinyaweni zikaGamaliyeli, ngafundiswa ngesineke ngomthetho wobaba, ngishisekela uNkulunkulu njengalokhu nani ninjalo namuhla.
Sebezwile, bangena ethempelini entathakusa, bafundisa. Kepha kwafika umphristi omkhulu nayehamba nabo, babizela ndawonye umkhandlu namalunga wonke abantu bakwa-Israyeli, base bethumela ejele ukuba balethwe kubo.
wayesethi kubo: “Madoda akwa-Israyeli, cabangisisani ngalokho enizakukwenza kulaba bantu.