Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




IzEnzo 5:34 - IsiZulu 2020

Kwase kusukuma omunye emkhandlwini, umFarisi ogama lakhe nguGamaliyeli, isazimthetho esihlonishwayo esizweni sonke, wayala ukuba laba abantu bakhishelwe phandle isikhashana;

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Kwase kusukuma omunye emphakathini, umFarisi ogama lakhe linguGamaliyeli, isazimthetho esitusekayo esizweni sonke, wayala ukuba abantu bakhishwe isikhashana;

Uka jalj uñjjattʼäta

Baasraak Zulu New Testament Bible

Kwasekusukuma omunye emphakathini, umFarisi ogama lakhe linguGamaliyeli, umfundisi womthetho otusekayo kubantu bonke, wayala ukuba abaphostoli bakhishwe isikhashana;

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Kwasekusukuma omunye emphakathini, umFarisi ogama lakhe linguGamaliyeli, umfundisi womthetho otusekayo kubantu bonke, wayala ukuba abaphostoli bakhishwe isikhashana;

Uka jalj uñjjattʼäta



IzEnzo 5:34
14 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngokuba ulaka lomuntu luyakukudumisa, insalelo yolaka uyakuyibhinca.


Izikhulu nabo bonke abantu bathi kubaphristi nabaphrofethi: “Lo muntu akafanele ukufa, ngokuba ukhulume kithi egameni likaSimakade uNkulunkulu wethu.”


Kwase kusukuma abanye abangamalunga ezwe, bakhuluma kulo lonke ibandla labantu, bathi:


U-Elinathani, uDelaya noGemariya babeyinxusile inkosi ukuba ingawushisi umqulu, kodwa ayibalalelanga.


Kuthe sekwedlule izinsuku ezintathu, bamfumana ethempelini, ehleli phakathi kwabafundisi, ebalalele, futhi ebabuza.


Ngolunye lwalezo zinsuku uJesu efundisa, kwakuhleli lapho abaFarisi nezazimthetho ababephuma kuzo zonke izifunda eGalile, eJudiya naseJerusalema. Amandla eNkosi ayekuye ukuba aphulukise.


UJesu waphendula, wathi kuye: “Wena ungumfundisi ka-Israyeli, kodwa awukwazi lokho na?


“Mina ngiyindoda engumJuda ezalwa eTharsu eKhilikhiya, kodwa ngakhulela kuwo lo muzi, ngasezinyaweni zikaGamaliyeli, ngafundiswa ngesineke ngomthetho wobaba, ngishisekela uNkulunkulu njengalokhu nani ninjalo namuhla.


Base bebayala ukuba baphumele phandle, bashiye umkhandlu, balulekana bodwa,


Sebezwile, bangena ethempelini entathakusa, bafundisa. Kepha kwafika umphristi omkhulu nayehamba nabo, babizela ndawonye umkhandlu namalunga wonke abantu bakwa-Israyeli, base bethumela ejele ukuba balethwe kubo.


Kuthe sebefikile, babamisa emkhandlwini; umphristi omkhulu wababuza,


wayesethi kubo: “Madoda akwa-Israyeli, cabangisisani ngalokho enizakukwenza kulaba bantu.