Kwathi nakuba ayefuna ukumbulala, kodwa wesaba abantu ngokuba babethi ungumphrofethi.
IzEnzo 5:26 - IsiZulu 2020 Yaphuma-ke induna kanye nezikhonzi, zabaletha, hhayi ngempoqo, ngokuba babesaba abantu, funa bakhandwe ngamatshe. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Khona yaphuma induna kanye nezikhonzi, zabaletha, kungengampoqo, ngokuba bebesaba abantu, funa bakhandwe ngamatshe. Baasraak Zulu New Testament Bible Khona yahamba induna nezikhonzi, zabaletha kungengamandla, ngokuba besesaba abantu, funa bakhandwe ngamatshe. Contemporary Zulu Bible 2024 Khona yahamba induna nezikhonzi, zabaletha kungengamandla, ngokuba besesaba abantu, funa bakhandwe ngamatshe. |
Kwathi nakuba ayefuna ukumbulala, kodwa wesaba abantu ngokuba babethi ungumphrofethi.
Kepha uma sithi: ‘Kubantu,’ siyasesaba isixuku, ngokuba bonke bathi uJohane ungumphrofethi.”
Kepha uPhethro wamlandela uJesu ebuqamama, kwaze kwaba segcekeni lomphristi omkhulu. Naye wangena ngaphakathi, wahlala phansi nezikhonzi ukuze abone isiphetho.
Izazimthetho nabaphristi bafuna ukumbamba ngezandla khona lapho, kodwa besaba abantu, ngokuba babazi ukuthi ukhulume lo mzekeliso ewuqondise kubo.
“Kepha uma sithi: ‘Kubantu,’ abantu bonke bazakusikhanda ngamatshe, ngokuba bayakholwa ngukuthi uJohane ungumphrofethi.”
Abaphristi abakhulu nezazimthetho babefuna iqhinga lokuthi bangambulala kanjani uJesu, ngokuba babesaba abantu.
Wasuka wayobhunga nabaphristi abakhulu nezinduna, ukuthi angamkhaphela kanjani uJesu kubo.
Sebebesabisile babadedela, ngokuba abazanga ukuthi bazobajesiza kanjani lokhu kwakunabantu, bonke bedumisa uNkulunkulu ngalokho okwakwenzekile.
Kepha kwabanye abantu akukho namunye owaba nesibindi sokuzihlanganisa nabo, kodwa abantu babebazisa kakhulu.
Kuthe lapho iwezwa lawa mazwi induna yethempeli nabaphristi abakhulu, bamangala ukuthi ngabe kwenzekeni.
Kepha kwafika omunye, wababikela wathi: “Amadoda ebeniwafake ejele asethempelini, afundisa abantu.”