Izikhulu zamthukuthelela uJeremiya, zamshaya, zamfaka ejele, endlini kaJonathani, umbhali, eyayenziwe ijele.
IzEnzo 5:18 - IsiZulu 2020 Babamba abaphostoli, babafaka ejele lombuso. IBHAYIBHELI ELINGCWELE babamba abaphostoli, babafaka etilongweni lombuso. Baasraak Zulu New Testament Bible bababeka izandla abaphostoli, babafaka etilongweni labantu bonke. Contemporary Zulu Bible 2024 bababeka izandla abaphostoli, babafaka etilongweni labantu bonke. |
Izikhulu zamthukuthelela uJeremiya, zamshaya, zamfaka ejele, endlini kaJonathani, umbhali, eyayenziwe ijele.
“Kepha kungakenzeki konke lokho, bayakunibamba, banihluphe, banikhaphele emasinagogeni nasemajele, baniyise phambi kwamakhosi nababusi ngenxa yegama lami.
Bababamba, babafaka ejele kwaze kwaba lusuku olulandelayo, ngokuba kwase kuhlwile.
Kodwa uSawula walichitha ibandla, engena izindlu ngezindlu, ehudula abesilisa nabesifazane; ebafaka ejele.
Bayizikhonzi zikaKhristu na? Ngikhulumisa okohlanya, ngokuba mina ngiyisikhonzi ukwedlula bona. Ngasebenza ngokuzikhandla okukhulu kunabo, ngaboshwa izikhawu eziningi kunabo, ngashaywa kaningi impela, ngaba phakathi kokufa kaningi.
Ungakwesabi lokho ozakuhlupheka ngakho. USathane uzakubaphonsa ejele abanye benu ukuze nilingwe, futhi nizakuhlupheka izinsuku ezilishumi. Thembekani kuze kube sekufeni, ngizakuninika umqhele wokuphila.