Uphrofetheleni egameni likaSimakade, uthi: ‘Le ndlu iyakuba njengeShilo, nalo muzi uyakuba yincithakalo kungabe kusaba bikho ohlala kuwo na?’ ” Bonke abantu babuthana kuJeremiya endlini kaSimakade.
IzEnzo 5:12 - IsiZulu 2020 Kwenziwa izimangaliso nezibonakaliso eziningi kubantu, ngezandla zabaphostoli. Bonke babenhliziyonye besemphemeni kaSolomoni. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kwenziwa izimangaliso nezibonakaliso eziningi ebantwini ngezandla zabaphostoli; bonke babe nhliziyonye besemphemeni kaSolomoni. Baasraak Zulu New Testament Bible Ngezandla zabaphostoli kwenziwa izibonakaliso nezimangaliso eziningi phakathi kwabantu; bonke babe nganhliziyonye ekhulusini likaSolomoni. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngezandla zabaphostoli kwenziwa izibonakaliso nezimangaliso eziningi phakathi kwabantu; bonke babe nganhliziyonye ekhulusini likaSolomoni. |
Uphrofetheleni egameni likaSimakade, uthi: ‘Le ndlu iyakuba njengeShilo, nalo muzi uyakuba yincithakalo kungabe kusaba bikho ohlala kuwo na?’ ” Bonke abantu babuthana kuJeremiya endlini kaSimakade.
Baphuma bashumayela ezindaweni zonke; iNkosi yayisebenza nabo, iqinisa izwi ngezibonakaliso ezazibalandela.
Ngakho-ke uJesu wathi enduneni: “Ngaphandle kokuba nina nibone izibonakaliso nezimangaliso, anisoze nakholwa.”
Bonke laba baqinisela ekukhulekeni benhliziyonye bekanye nabesifazane, noMariya unina kaJesu, nabafowabo.
Nokho-ke, bahlala isikhathi eside, befundisa ngesibindi ngeNkosi eyafakazela izwi lomusa wayo, ngokubanika ukuba benze izibonakaliso nezimangaliso ngezandla zabo.
Yakwenza lokhu izinsuku eziningi, kodwa uPawula esecasukile waphenduka, wathi kumoya: “Ngiyakuyala egameni likaJesu uKhristu ukuba uphume kuyo.” Waphuma ngaso leso sikhathi.
Imihla ngemihla bazinikela nganhliziyonye ethempelini, ekuhlephuleni isinkwa emakhaya, badla ukudla kwabo ngentokozo nangenhliziyo emsulwa,
Sekwenzekile lokho, iningi labantu basesiqhingini baletha nabanye ababenezifo, baphiliswa.
Isabambelele kuPhethro noJohane, bonke abantu bagijimela kubo emphemeni okuthiwa okaSolomoni, beshaqeke kakhulu.
wena welule isandla sakho ukuphulukisa, ukwenza izibonakaliso nezimangaliso ngegama leNceku yakho engcwele uJesu.”
Wafumana lapho umuntu othile ogama lakhe kungu-Eneya, owayeselale ecansini iminyaka eyisishiyagalombili, efe uhlangothi.
Kepha uPhethro esebakhiphele ngaphandle bonke, waguqa ngamadolo, wakhuleka, wayesephendukela esidunjini, wathi: “Thabitha, vuka!” Wavula amehlo akhe, wabona uPhethro, wayesehlala.
ngamandla ezibonakaliso nezimangaliso, ngamandla kaMoya kaNkulunkulu, njengokuba ngasuka eJerusalema, ngazungeza izwe ngaze ngafika e-Ilirikhu, ngishumayela ivangeli likaKhristu ngokupheleleyo.
Impela izibonakaliso zobuphostoli zenziwe kini ngokubekezela konke, ngezibonakaliso, ngezimangaliso, nangemisebenzi yamandla.
UNkulunkulu efakaza kanye nabo ngezibonakaliso, ngezimangaliso, ngemisebenzi yamandla enhlobonhlobo, nangokwabelwa kukaMoya oNgcwele ngokwentando yakhe.