Kwakukhona owesifazane owayenesifo somopho iminyaka eli-12, wasondela emuva kukaJesu, wathinta umphetho wengubo yakhe.
IzEnzo 4:22 - IsiZulu 2020 Umuntu okwakwenziwe kuye leso sibonakaliso sokuphiliswa wayeseneminyaka eyevile kwengama-40. IBHAYIBHELI ELINGCWELE ngokuba umuntu esenziwe kuye leso sibonakaliso sokuphulukiswa wayeneminyaka eve emashumini amane. Baasraak Zulu New Testament Bible Ngokuba lowo muntu esenziwe kuye lesi sibonakaliso sokuphulukisa wayeneminyaka engaphezu kwamashumi amane. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngokuba lowo muntu esenziwe kuye lesi sibonakaliso sokuphulukisa wayeneminyaka engaphezu kwamashumi amane. |
Kwakukhona owesifazane owayenesifo somopho iminyaka eli-12, wasondela emuva kukaJesu, wathinta umphetho wengubo yakhe.
Lapho kwakukhona owesifazane owayenomoya omubi usumgulise iminyaka eli-18; wayeseze waqhotha, engasakwazi ukuma aqonde.
Indoda ethile eyisishosha kwasesizalweni sikanina, yayithwelwe yilabo ababeyibeka nsuku zonke ngasemnyango wethempeli obizwa ngokuthi “Omuhle” ukuba inqibe kulabo ababengena ethempelini.
Sebebesabisile babadedela, ngokuba abazanga ukuthi bazobajesiza kanjani lokhu kwakunabantu, bonke bedumisa uNkulunkulu ngalokho okwakwenzekile.
Kuthe sebededelwe, baya kwabakubo; bababikela konke abaphristi abakhulu namalunga abakushilo kubo.
Wafumana lapho umuntu othile ogama lakhe kungu-Eneya, owayeselale ecansini iminyaka eyisishiyagalombili, efe uhlangothi.