UMose no-Aroni babengabanye babaphristi bakhe, uSamuweli engomunye wababekhuleka eGameni lakhe. Bakhuleka kuSimakade, Yena wabaphendula.
IzEnzo 3:24 - IsiZulu 2020 “Yebo, nabaphrofethi bonke, kusukela kuSamuweli nabamlandelayo, bonke ababekhulume, bamemezela ngalezo zinsuku. IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Yebo, nabaprofethi bonke, kusukela kuSamuweli nabalandelayo, bonke abakhulumileyo, bamemezela lezo zinsuku. Baasraak Zulu New Testament Bible Yebo, nabaprofethi bonke, kusukela kuSamuweli nabalandelayo, bonke abakhulumileyo, babikezela ngalezi zinsuku. Contemporary Zulu Bible 2024 Yebo, nabaprofethi bonke, kusukela kuSamuweli nabalandelayo, bonke abakhulumileyo, babikezela ngalezi zinsuku. |
UMose no-Aroni babengabanye babaphristi bakhe, uSamuweli engomunye wababekhuleka eGameni lakhe. Bakhuleka kuSimakade, Yena wabaphendula.
USimakade wathi kimi: “Noma bekungama uMose noSamuweli phambi kwami, inhliziyo yami ibingeke ibe kulaba bantu. Basuse phambi kwami, mabaphume bahambe.
Wayesebachazela konke okusemibhalweni ngaye, kusukela kuMose nakubaphrofethi bonke.
Kwedlula iminyaka ebalelwa ema-450, emveni kwalokho wabanika abehluleli, kwaze kwaba nguSamuweli umphrofethi.
ebachazela futhi ekhombisa ukuthi uKhristu kwakumele ukuba ahlupheke, avuke kwabafileyo, nokuthi: “UJesu lo engimshumayela kini unguKhristu.”
ukuthi uKhristu uzakuhlupheka nokuthi uzakuba ngowokuqala ukuvuka kwabafileyo, ozomemezela ukukhanya kuso isizwe nakwabezizwe.”
okufanele ukuba izulu limamukele, kuze kube yizikhathi zokubuyiselwa kwakho konke uNkulunkulu akhuluma ngakho ngomlomo wabaphrofethi bakhe abangcwele, kusukela emaphakadeni.
Kepha manje ukulunga kukaNkulunkulu kubonakalisiwe ngaphandle komthetho, kufakazelwa ngumthetho nabaphrofethi,
USamuweli wakhonza uSimakade kusukela esemncane. Wayegqoka ingubo yamahlombe eyenziwe ngelineni.
Umntwana uSamuweli wayemkhonza uSimakade, phambi kuka-Eli. Izwi likaSimakade lalingavamile ngalezo zinsuku, nombono wawuyivelakancane.
Wonke u-Israyeli kusukela kwaDani kuze kube seBheri Sheba wazi ukuthi uSamuweli uqinisiwe ukuba abe ngumphrofethi kaSimakade.