Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




IzEnzo 3:20 - IsiZulu 2020

khona kuzakufika izikhathi zokuhlunyelelwa ezivela ebusweni beNkosi nokuba ithume uKhristu uJesu enimmiselweyo,

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

ukuze kufike izikhathi zokuhlunyelelwa ezivela ebusweni beNkosi nokuba ithume uKristu Jesu enimmiselweyo,

Uka jalj uñjjattʼäta

Baasraak Zulu New Testament Bible

Iyakuthuma uJesu Kristu owashunyayelwa kini ngaphambili;

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Iyakuthuma uJesu Kristu owashunyayelwa kini ngaphambili;

Uka jalj uñjjattʼäta



IzEnzo 3:20
15 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngokuba iNdodana yomuntu iyakuza ngenkazimulo kaYise nezingelosi zayo; khona-ke iyakuvuza yilowo nalowo ngesenzo sakhe.


Esahleli eNtabeni Yeminqumo, abafundi beza kuye ngasese, bathi: “Sitshele ukuthi lokhu kuyakwenzeka nini, futhi siyakuba yini isibonakaliso sokufika kwakho, nomhla wokuphela na?”


Khona-ke niyakubona iNdodana yomuntu iza emafini, inamandla amakhulu nenkazimulo.


Kuthe abantu besalalele lokho, uJesu waqhubeka wabalandisa umzekeliso, ngokuba wayeseduze neJerusalema, nangokuba babethi umbuso kaNkulunkulu uzakubonakala masinyane.


Khona-ke bayakuyibona iNdodana yomuntu iza ngefu, inamandla nenkazimulo enkulu.


ngokuba umisile usuku azakwehlulela ngalo izwe ngokulunga, ngomuntu ammisele khona, lapho enika bonke ithemba ngokumvusa kwabafileyo.”


Ngakho-ke phendukani, niguquke ukuba zithethelelwe izono zenu,


okufanele ukuba izulu limamukele, kuze kube yizikhathi zokubuyiselwa kwakho konke uNkulunkulu akhuluma ngakho ngomlomo wabaphrofethi bakhe abangcwele, kusukela emaphakadeni.


ukuba ningasheshi ukuxoveka emqondweni wenu, futhi ningethuswa noma ngomoya, noma ngezwi, noma ngencwadi okungathi ivela kithi, sengathi usuku lukaKhristu selufikile.


Kulapho-ke eyakwambulwa khona lowo ongenamthetho, eyakumqothula ngomoya womlomo wayo iNkosi uJesu, imbhubhise ngokubonakala kwayo mhla ifika.


kanjalo noKhristu, wanikelwa kwaba kanye ukuba athwale izono zabaningi, uyakubonakala ngokwesibili engenasono, kulabo abamlindele ngokulangazelela, kube ngukusindiswa.


Bhekani, uyeza ngamafu, onke amehlo ayakumbona, nalabo abamgwazayo; zonke izizwe zomhlaba ziyakulila ngaye. Yebo, Amen.