Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




IzEnzo 28:11 - IsiZulu 2020

Emva kwezinyanga ezintathu, sahamba ngomkhumbi wase-Aleksandriya owawume esiqhingini ukuze kwedlule ubusika, owawunophawu lwamaWele.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Emva kwezinyanga ezintathu sase simuka ngomkhumbi wase-Aleksandriya owawudlulisa ubusika esiqhingini, uphawu lwawo lungolwamaWele.

Uka jalj uñjjattʼäta

Baasraak Zulu New Testament Bible

Emva kwezinyanga ezintathu samuka ngomkhumbi wase-Aleksandriya, owawudlulise ubusika esiqhingini, uphawu lwawo lungoKastore noPoluksi.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Emva kwezinyanga ezintathu samuka ngomkhumbi wase-Aleksandriya, owawudlulise ubusika esiqhingini, uphawu lwawo lungoKastore noPoluksi.

Uka jalj uñjjattʼäta



IzEnzo 28:11
9 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

“Qoqanani ndawonye nize, sondelani nina abasindileyo bezizwe; abanalwazi abathwala umuthi wezithombe zabo ezibaziweyo, bakhuleka kunkulunkulu ongenakusindisa.


Amatilosi amesaba kakhulu uSimakade, anikela kuye umhlatshelo, enza nezifungo.


Amatilosi esaba, kwayilelo nalelo lakhala kunkulunkulu walo. Ayesephonsa olwandle impahla eyayisemkhunjini, ukuze umkhumbi ube lula. UJona wayesehlele egumbini lomkhumbi elingaphansi maphakathi nendawo, elele zwi.


Sebedabulile esiqhingini sonke, baze bayofika ePhafu, bafumana indoda thize lapho eyabe ingumlumbi nomphrofethi wamanga, umJuda, ogama lakhe kunguBharjesu,


Lapho-ke induna yathola umkhumbi wase-Aleksandriya oqonde e-Ithaliya, yasigibelisa kuwo.


Basihlonipha kakhulu impela, kwathi mhla sihamba ngomkhumbi, basipha esikudingayo.


Sesingene echwebeni eSirakhuse, sahlala izinsuku ezintathu.


Kepha kwasuka abanye besinagoge elibizwa ngokuthi elabaLibherithino, nabaseKhurene, abase-Aleksandriya nababevela eKhilikhiya nase-Asiya, baphikisana noStefani.


Ngakho-ke maqondana nokudla okuhlatshelwe izithombe, siyazi ukuthi isithombe yinto engelutho emhlabeni, nokuthi akakho omunye uNkulunkulu, munye kuphela.