Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




IzEnzo 27:41 - IsiZulu 2020

Kepha bafika endaweni enolwandle nxazombili, umkhumbi waphahlazeka. Inhloko yawo yagxumekeka, yema, ayaze yanyakaza, kodwa ingemuva lephulwa ngamandla amaza.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Batheleka endaweni enolwandle nxazombili, baqhubela umkhumbi kuyo, inhloko yomkhumbi yagxumekeka, yema ingenakunyakaziswa, kepha ingasemuva laphulwa ngamandla amaza.

Uka jalj uñjjattʼäta

Baasraak Zulu New Testament Bible

Sebefikile endaweni lapho kuhlangana khona ulwandle olubili, umkhumbi waguqa; ingaphambili lanamathela, lahlala lingenakunyakaziswa, kepha ingemuva laphuka ngamandla amaza.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Sebefikile endaweni lapho kuhlangana khona ulwandle olubili, umkhumbi waguqa; ingaphambili lanamathela, lahlala lingenakunyakaziswa, kepha ingemuva laphuka ngamandla amaza.

Uka jalj uñjjattʼäta



IzEnzo 27:41
11 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UJehoshafathi walungisa imikhumbi yaseTharishishi ukuba iye e-Ofiri ukuyolanda igolide, kodwa ayihambanga, ngokuba imikhumbi yephukela e-Eziyoni Gebheri.


U-Eliyezeri, indodana kaDodavahu waseMeresha, waphrofetha ngoJehoshafathi, wathi: “Ngenxa yokuba uzihlanganise no-Ahaziya, uSimakade uyakuyidiliza imisebenzi yakho.” Leyo mikhumbi yephuka, ayikwazanga ukuya eTharishishi.


Abagwedli bakho bakuyisa emanzini amaningi; umoya wasempumalanga wakuphahlaza phakathi kolwandle.


Kwathi lapho usufahlazwe ngamanzi ekujuleni kolwandle, impahla yakho naso sonke isixuku sakho kwawela kuwe.


Sebesikhuphulile bafaka okokuweseka ngaphansi, kwathi ngoba babesaba ukuthi umkhumbi ungase ushayeke esihlabathini esisogwini eSirti, kwehliswa iseyili, umkhumbi wadudulwa ngumoya.


Ababegibele emkhunjini base befuna ukubaleka kuwo, behlisela isikebhe olwandle, kwaba sengathi bazakuphonsa amahange enhlokweni yomkhumbi,


Banquma amahange, bawashiya olwandle; bathukulula izintambo zamaphini okuqondisa umkhumbi; indwangu engaphambili bayiphakamisela emoyeni, base beqonda ogwini.


Amabutho ayehlose ukuzibulala iziboshwa, ukuze kungabi bikho nasinye esihlambayo siphunyuke,


Ngakho-ke bazalwane bami abathandekayo, yibani ngabagxilileyo, abangaxegiyo, abavame njalo emsebenzini weNkosi, nazi ukuthi ukusebenza kwenu akusilo ize eNkosini.