URubeni wabaphendula wathi: “Angishongo yini ukuthi: ‘Ningakwenzi okuyisono kumfana,’ nangangilalela na? Manje igazi lakhe selifuneka kithi.”
IzEnzo 27:21 - IsiZulu 2020 Kwase kuyisikhathi eside bengadli lutho, uPawula wasukuma phakathi kwabo, wathi: “Madoda, ngabe nalalela mina, anasuka eKhrethe, naphepha kule ngozi nakulokhu kulahlekelwa. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Sekuyisikhathi eside bengasadli lutho, uPawulu wasukuma phakathi kwabo, wathi: “Madoda, ngabe nalalela mina, kanamuka eKrethe, naphepha kule ngozi nakulokhu kuchithakala. Baasraak Zulu New Testament Bible Kwathi emva kokuzila isikhathi eside, uPawulu wema phakathi kwabo, wathi: “Madoda, ngabe nangilalela, anasuka eKrethe, nazuza kulokhu kubi nokulahlekelwa. Contemporary Zulu Bible 2024 Kwathi emva kokuzila isikhathi eside, uPawulu wema phakathi kwabo, wathi: “Madoda, ngabe nangilalela, anasuka eKrethe, nazuza kulokhu kubi nokulahlekelwa. |
URubeni wabaphendula wathi: “Angishongo yini ukuthi: ‘Ningakwenzi okuyisono kumfana,’ nangangilalela na? Manje igazi lakhe selifuneka kithi.”
Kepha itheku lakhona lalingakulungele ukuba kuhlalwe kulo ebusika, iningi labo laphakamisa ukuba kusukwe lapho, hleze kwenzeke bafike eFenikisi, itheku eKhrethe elibheke entshonalanga yaseningizimu, nasentshonalanga ngasenyakatho bahlale khona kuze kwedlule ubusika.
Kuthe lapho iningizimu isiheleza kahle, bacabanga ukuthi inhloso yabo isifezekile, base bekhuphula ihange, bagudla iKhrethe.
Sahamba kancane ngenxa yomoya, kwasithatha isinsuku eziningi saze safika kanzima ngaseKhinidu, kwazise umoya wawusivimbile, sagudla iKhrethe maqondana neSalimone,