Bayendayenda, bantengezela njengodakiweyo, konke ukuhlakanipha kwabo kwaphela nya.
IzEnzo 27:18 - IsiZulu 2020 Sasilokhu sishukunyiswa kanzima yisivunguvungu saze ngosuku olulandelayo saphonsa ngaphandle umthwalo; IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kuthe ukuba sibhengulwe kakhulu yisiphepho, ngangomuso bachitha umthwalo; Baasraak Zulu New Testament Bible Kwathi sesipheshulwa kakhulu yisiphepho, ngangomuso bakhulula umkhumbi; Contemporary Zulu Bible 2024 Kwathi sesipheshulwa kakhulu yisiphepho, ngangomuso bakhulula umkhumbi; |
Bayendayenda, bantengezela njengodakiweyo, konke ukuhlakanipha kwabo kwaphela nya.
Amatilosi esaba, kwayilelo nalelo lakhala kunkulunkulu walo. Ayesephonsa olwandle impahla eyayisemkhunjini, ukuze umkhumbi ube lula. UJona wayesehlele egumbini lomkhumbi elingaphansi maphakathi nendawo, elele zwi.
Ngokuba kuyakumsiza ngani umuntu, uma ezuza izwe lonke, kepha alahlekelwe ngukuphila kwakhe na? Yini angayikhipha umuntu, ibe yisihlengo sokuphila kwakhe na?
“Inkosi yayibabaza induna engathembekile, ngokuba yenza ngokuhlakanipha, ngokuba abantu balesi sikhathi esizukulwaneni sabo bahlakaniphile kunabantwana bokukhanya.
Ngakho-ke nathi, njengalokhu sinefu elingaka lawofakazi abasihaqileyo, masilahle konke okusindayo nesono esithandela kangaka kithi, sigijime ngokubekezela kulokhu kuncintisana esikumiselweyo,