IzEnzo 26:2 - IsiZulu 2020 “Maqondana nakho konke engimangalelwe ngakho ngabaJuda, nkosi Agripha, ngizibona nginenhlanhla, ngokuba ngizakuziphendulela namuhla phambi kwakho, IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Maqondana nakho konke engimangalelwa ngakho ngabaJuda, nkosi Agripha, ngizibona nginenhlanhla, ngokuba ngizakuziphendulela namuhla phambi kwakho, Baasraak Zulu New Testament Bible Kuyangithokozisa, nkosi Agripha, ngoba lamuhla ngizaziphendulela phambi kwakho ngakho konke engimangalelwa ngakho ngabaJuda; Contemporary Zulu Bible 2024 Kuyangithokozisa, nkosi Agripha, ngoba lamuhla ngizaziphendulela phambi kwakho ngakho konke engimangalelwa ngakho ngabaJuda; |
“Kepha kuyakuthi nxa benikhaphela, ningakhathazeki ngokuthi niyakukhuluma nithini, ngokuba niyakuphiwa ngaleso sikhathi eniyakukukhuluma.
“Uma benihudulela emasinagogweni nakubabusi neziphathimandla ukuba nehlulelwe, ningakhathazeki ukuthi niyakuphendula kanjani, nokuthi niyakuthini.
“Kepha kungakenzeki konke lokho, bayakunibamba, banihluphe, banikhaphele emasinagogeni nasemajele, baniyise phambi kwamakhosi nababusi ngenxa yegama lami.
Anginalutho oluqinisekileyo ngaye engingayilobela yona inkosi, yingakho-ke ngimlethe phambi kwakho, nkosi, Agripha, ukuze kuthi uma sewuluvavanyile udaba lwakhe, ngibe nakho engingakuloba.
U-Agripha wayesethi kuPawula: “Uvumelekile ukuba uzikhulumele.” UPawula wayesephakamisa isandla sakhe, waziphendulela wathi:
Ngokuba iNkosi engikhuluma kuyo ngokukhululeka iyakwazi lokho, angikholwa ngukuthi kukhona utho lwalokhu olufihlekileyo kuyo, lokhu akwenziwanga ekusithekeni.
ikakhulu lokhu uyingcweti yawo wonke amasiko nokuphikisana kwabaJuda. Ngakho-ke ngiyakunxusa ukuba ungilalele ngesineke.
isithembiso ezithemba ukufinyelela kuso izizwe zakithi ezili-12 ezikhonza ngesineke ubusuku nemini. Kungalelo themba, nkosi, ngimangalelwe ngabaJuda.