Abaningi abalele emhlabathini wothuli bayakuvuka, abanye bavukele ukuphila okuphakade, abanye bavukele ihlazo nokunengeka kwaphakade.
IzEnzo 24:15 - IsiZulu 2020 nginethemba kuNkulunkulu abalibhekile nabo uqobo lokuthi kuyakuba khona ukuvuka kwabafileyo, okwabalungile nokwabangalungile. IBHAYIBHELI ELINGCWELE nginethemba kuNkulunkulu abalibheka nabo uqobo lokuthi kuyakuba khona ukuvuka kwabafileyo, okwabalungile nokwabangalungile. Baasraak Zulu New Testament Bible nginethemba kuNkulunkulu, abalibekayo nabo uqobo, lokuthi kuyakuba khona ukuvuka kwabafileyo, okwabalungileyo nabangalungile. Contemporary Zulu Bible 2024 nginethemba kuNkulunkulu, abalibekayo nabo uqobo, lokuthi kuyakuba khona ukuvuka kwabafileyo, okwabalungileyo nabangalungile. |
Abaningi abalele emhlabathini wothuli bayakuvuka, abanye bavukele ukuphila okuphakade, abanye bavukele ihlazo nokunengeka kwaphakade.
“Labo-ke bayakuhamba, baye ekujezisweni okuphakade; kodwa abalungileyo, bayakuya ekuphileni okuphakade.”
uyakubusiswa, ngokuba abananto yokukubuyisela, kepha uyakuthola umvuzo ekuvukeni kwabalungileyo.”
ngaphandle kwalokho okukodwa zwi engakumemeza ngimi phakathi kwabo, kokuthi: ‘Mina ngehlulelwa yinina namuhla ngokuvuka kwabafileyo.’ ”
NguYena oyakuguqula isimo somzimba wethu wokuthotshiswa, ufane nomzimba wakhe wenkazimulo. Lokho uyakukwenza ngamandla akhe akwazi ukuzihlelela ngawo konke phansi kwakhe.
Ubusisiwe, futhi ungcwele onesabelo ekuvukeni kokuqala. Kulabo ukufa kwesibili akunamandla, kodwa bayakuba ngabaphristi bakaNkulunkulu nabakaKhristu, babuse kanye naye iminyaka eyinkulungwane.