Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




IzEnzo 24:15 - IsiZulu 2020

nginethemba kuNkulunkulu abalibhekile nabo uqobo lokuthi kuyakuba khona ukuvuka kwabafileyo, okwabalungile nokwabangalungile.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

nginethemba kuNkulunkulu abalibheka nabo uqobo lokuthi kuyakuba khona ukuvuka kwabafileyo, okwabalungile nokwabangalungile.

Uka jalj uñjjattʼäta

Baasraak Zulu New Testament Bible

nginethemba kuNkulunkulu, abalibekayo nabo uqobo, lokuthi kuyakuba khona ukuvuka kwabafileyo, okwabalungileyo nabangalungile.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

nginethemba kuNkulunkulu, abalibekayo nabo uqobo, lokuthi kuyakuba khona ukuvuka kwabafileyo, okwabalungileyo nabangalungile.

Uka jalj uñjjattʼäta



IzEnzo 24:15
16 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Abaningi abalele emhlabathini wothuli bayakuvuka, abanye bavukele ukuphila okuphakade, abanye bavukele ihlazo nokunengeka kwaphakade.


“Labo-ke bayakuhamba, baye ekujezisweni okuphakade; kodwa abalungileyo, bayakuya ekuphileni okuphakade.”


uyakubusiswa, ngokuba abananto yokukubuyisela, kepha uyakuthola umvuzo ekuvukeni kwabalungileyo.”


UMartha wathi kuye: “Ngiyazi ukuthi uyakuvuka ekuvukeni ngomhla wokuphela.”


ngaphandle kwalokho okukodwa zwi engakumemeza ngimi phakathi kwabo, kokuthi: ‘Mina ngehlulelwa yinina namuhla ngokuvuka kwabafileyo.’ ”


NguYena oyakuguqula isimo somzimba wethu wokuthotshiswa, ufane nomzimba wakhe wenkazimulo. Lokho uyakukwenza ngamandla akhe akwazi ukuzihlelela ngawo konke phansi kwakhe.


Ubusisiwe, futhi ungcwele onesabelo ekuvukeni kokuqala. Kulabo ukufa kwesibili akunamandla, kodwa bayakuba ngabaphristi bakaNkulunkulu nabakaKhristu, babuse kanye naye iminyaka eyinkulungwane.