Bahlakaze, Nkosi, uphithanise ulimi lwabo, ngokuba ngibone ubudlova nengxabano emzini.
IzEnzo 23:7 - IsiZulu 2020 Esekushilo lokho, kwaqubuka impikiswano phakathi kwabaFarisi nabaSadusi, izixuku zehlukana kabili. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Eseshilo lokho, kwavela ukuphambana phakathi kwabaFarisi nabaSadusi, ibandla lahlukana kabili. Baasraak Zulu New Testament Bible Eseshilo lokho, kwavela ukungezwani phakathi kwabaFarisi nabaSadusi, uquqaba lwahlukana phakathi. Contemporary Zulu Bible 2024 Eseshilo lokho, kwavela ukungezwani phakathi kwabaFarisi nabaSadusi, uquqaba lwahlukana phakathi. |
Bahlakaze, Nkosi, uphithanise ulimi lwabo, ngokuba ngibone ubudlova nengxabano emzini.
“Ningasho ukuthi ngize ukuletha ukuthula emhlabeni; angizanga ukuletha ukuthula kepha inkemba.
Kepha uquqaba lomuzi lwalwehlukene phakathi, abanye babemi nabaJuda, abanye nabaphostoli.
UPawula azi ukuthi bangamaqembu, enye ingxenye ingeyabaSadusi, enye ingeyabaFarisi, wayesememeza emkhandlwini, wathi: “Madoda, bazalwane, mina ngingumFarisi, nendodana yomFarisi, ngibekwe icala lokuthi nginethemba lokuvuka kwabafileyo.”
Ngokuba abaSadusi bathi akukho ukuvuka kwabafileyo, nangelosi, namoya, kodwa abaFarisi bayakuvuma konke.