UJonadaba wathi kuye: “Lala embhedeni wakho, uzishaye ogulayo, kuyothi lapho uyihlo efika ukuzokuhlola, uthi kuye: ‘Ake uvumele uThamari, udadewethu, kube nguye ozongenzela ukudla, akwenze phambi kwami ngimbuka, ukuze ngimbone, ngidle engifunza.’ ”
IzEnzo 23:15 - IsiZulu 2020 Ngakho-ke manje, nina kanye nomkhandlu yazisani induna yenkulungwane ukuba imehlisele kini ngokungathi nihlose ukuhlolisisa udaba lwakhe; thina-ke sikulungele ukumbulala engakasondeli.” IBHAYIBHELI ELINGCWELE Manje-ke nina kanye nomphakathi yazisani induna yenkulungwane ukuba imehlisele kini ngokungathi nizakuhlolisisa indaba yakhe; thina-ke silungele ukumbulala engakasondeli.” Baasraak Zulu New Testament Bible Ngakho-ke nina kanye nomphakathi bonisani induna yenkulungwane ukuba imehlisele kini kusasa ngokungathi nifuna ukuhlolisisa kahle okumayelana naye; Contemporary Zulu Bible 2024 Ngakho-ke nina kanye nomphakathi bonisani induna yenkulungwane ukuba imehlisele kini kusasa ngokungathi nifuna ukuhlolisisa kahle okumayelana naye; |
UJonadaba wathi kuye: “Lala embhedeni wakho, uzishaye ogulayo, kuyothi lapho uyihlo efika ukuzokuhlola, uthi kuye: ‘Ake uvumele uThamari, udadewethu, kube nguye ozongenzela ukudla, akwenze phambi kwami ngimbuka, ukuze ngimbone, ngidle engifunza.’ ”
Ngokuba abalali uma bengakwenzanga okubi; bayaqwasha uma bengakhubekisanga muntu;
Izinyawo zabo zigijimela ebubini; bayashesha ukuchitha igazi elingenacala; imicabango yabo iyimicabango yenkohlakalo; incithakalo nokubhujiswa kugcwele ezindleleni zabo.
Isigejane samabutho, induna yenkulungwane, nezikhonzi zabaJuda bambamba uJesu, bambopha.
Ngakusasa ifuna ukwazi umsuka wendaba yokuthi abaJuda bamsola ngani, yamkhulula, yayisiyaleza ukuba abaphristi abakhulu nomkhandlu wonke ubuthane, yayisimehlisa uPawula, yammisa phambi kwabo.
UPawula wawubuka umkhandlu, wathi: “Madoda, bazalwane, mina ngihambe phambi kukaNkulunkulu nginonembeza omsulwa, kuze kube namuhla.”
UPawula azi ukuthi bangamaqembu, enye ingxenye ingeyabaSadusi, enye ingeyabaFarisi, wayesememeza emkhandlwini, wathi: “Madoda, bazalwane, mina ngingumFarisi, nendodana yomFarisi, ngibekwe icala lokuthi nginethemba lokuvuka kwabafileyo.”
becela umusa kuye ukuba ambizele eJerusalema uPawula; base bakhe uzungu lokumbulala endleleni.