Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




IzEnzo 22:25 - IsiZulu 2020

Kuthe besambophe ngemichilo, uPawula wathi enduneni yekhulu eyayimi lapho: “Kuvumelekile yini ukuba kushaywe umuntu ongumRoma engakalahlwa yicala na?”

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Kepha besamelula ngemichilo, uPawulu wathi enduneni yekhulu eyayimi khona: “Kuvunyelwe yini ukushaya umuntu ongumRoma engalahlwanga yicala na?”

Uka jalj uñjjattʼäta

Baasraak Zulu New Testament Bible

Kwathi besambopha ngemichilo, uPawuli wathi enduneni yekhulu eyayimi lapho: Kuvunyelwe yini kini ukutshaya ngesiswepu umuntu ongumRoma engalahlwanga yicala?

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Kwathi besambopha ngemichilo, uPawuli wathi enduneni yekhulu eyayimi lapho: Kuvunyelwe yini kini ukutshaya ngesiswepu umuntu ongumRoma engalahlwanga yicala?

Uka jalj uñjjattʼäta



IzEnzo 22:25
13 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

“Kepha xwayani abantu, ngokuba bayakunikhaphela ezigcawini zokwehlulela, banishaye emasinagogeni abo.


Induna yekhulu nalabo ababenayo beqaphe uJesu, bebona umhlaba uzamazama nalokho okwenzekileyo, besaba kakhulu, bathi: “Impela lo ubeyiNdodana kaNkulunkulu.”


Kepha induna yekhulu yaphendula yathi: “Nkosi, angifanele ukuba ungangena phansi kophahla lwami, kodwa khipha izwi nje, khona umfana wami uyakusinda.


Kwakukhona indoda ethile eKhesariya, igama layo kunguKhorneliyu, iyinduna yekhulu yebutho okuthiwa elase-Ithaliya.


Kepha uPawula wathi kuzo: “Basishayile phambi kwabantu, singalahlwanga cala, thina singabantu abangamaRoma, basigquma ejele. Manje basikhipha ngasese na? Phinde, neze! Abeze bona, basikhiphe.”


Yathi ukuba induna yekhulu ikuzwe lokho, yaya enduneni yenkulungwane, yabika yathi: “Uzokwenzenjani na? Ngokuba lo muntu ungumRoma?”


UPawula wabiza enye induna yekhulu, wathi kuyo: “Ake uyise le nsizwa enduneni yenkulungwane, kunokuthile ezakukubika kuyo.”


“Le ndoda ibibanjwe ngabaJuda, kwathi lapho sebezoyibulala, ngafika namabutho, ngayisindisa sengizwile ukuthi ingumRoma.


Ngabaphendula ngathi akusiwo umkhuba wamaRoma ukudlulisa umuntu omangalelwe engakamiswa phambi kwabammangaleleyo, athole ithuba lokuziphendulela ngecala amangalelwe ngalo.


Kwathi sekunqunyiwe ukuba siye e-Ithaliya ngomkhumbi, banikela uPawula nezinye iziboshwa ezithile esandleni senduna yekhulu, igama layo nguJuliyase, eyebutho likaKhesari.


Ngakusasa safika echwebeni eSidoni, uJuliyase wamphatha kahle uPawula, wamvumela ukuba aye kubangani bakhe, anakekelwe kahle.


kodwa induna yekhulu ithanda ukusindisa uPawula yawavimba enhlosweni yawo. Yayaleza ukuba labo abakwaziyo ukuhlamba baziphonse kuqala emanzini, baze bafike emhlabathini.