IzEnzo 20:25 - IsiZulu 2020 “Manje ngiyazi ukuthi anisayukububona ubuso bami, nina nonke engahamba phakathi kwenu, ngishumayela umbuso. IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Kalokhu bhekani, ngiyazi ukuthi anisayikubona ubuso bami nina nonke engahamba phakathi kwenu, ngishumayela umbuso. Baasraak Zulu New Testament Bible Manje bhekani, ngiyazi ukuthi nina nonke engahamba phakathi kwenu ngishumayela umbuso kaNkulunkulu anisayikubona ubuso bami. Contemporary Zulu Bible 2024 Manje bhekani, ngiyazi ukuthi nina nonke engahamba phakathi kwenu ngishumayela umbuso kaNkulunkulu anisayikubona ubuso bami. |
Yilowo nalowo ozwa izwi lombuso, angaliqondi, kufika omubi ahlwithe okuhlwanyelwe enhliziyweni yakhe. Leyo ngehlwanyelwe ngasendleleni.
Wayesethi kubo: “Ngakho-ke yileso naleso sazimthetho esifundiselwe umbuso wezulu, sifana nomuntu, umnumzane okhipha engcebeni yakhe okusha nokudala.”
Kusukela ngaleso sikhathi, uJesu waqala ukushumayela, ethi: “Phendukani, ngokuba umbuso wezulu ususondele.”
Walihamba lonke iGalile efundisa emasinagogeni abo, eshumayela ivangeli lombuso, ephilisa abantu ezifweni zonke nasebuthakathakeni bonke.
“Umthetho nabaphrofethi kwakukhona kwaze kwafika uJohane; kusukela ngaleso sikhathi, ivangeli lombuso kaNkulunkulu liyashunyayelwa, wonke umuntu uyafuzula ukuba angene kuwo.
Kepha wathi kuye: “Yekela abafileyo bambele abafileyo babo, kodwa wena hamba, ushumayele ngombuso kaNkulunkulu.”
belusizi kakhulu ngezwi alisho kubo elithi abasayukubuye babubone ubuso bakhe. Bamphelezela, baya emkhunjini.
eshumayela umbuso kaNkulunkulu, efundisa ngaso sonke isibindi izindaba zeNkosi uJesu uKhristu, ngaphandle kokuphazanyiswa.
Kepha kwathi ukuba bakholwe yivangeli elashunyayelwa nguFiliphu ngombuso kaNkulunkulu nangegama likaJesu uKhristu, babhabhadiswa abesilisa nabesifazane.
Kepha manje, njengokuba ngingasenayo indawo kula mazwe, futhi sekuyiminyaka eminingi ngilangazelela ukuza kini,
Ngiyathanda ukuba nazi ukuthi nginikhandlekela kakhulu kangakanani nina nabaseLawodikheya nabo bonke abangakaze bangibone ngamehlo,