Nginombhabhadiso engizakubhabhadiswa ngawo; ngikhathazekile kakhulu, uze ufezeke.
IzEnzo 20:22 - IsiZulu 2020 “Bhekani manje, ngiya eJerusalema ngokulalela nokuboshwa nguMoya, futhi angikwazi okuzakungehlela khona, IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Kepha manje, bhekani, mina sengiya eJerusalema ngiboshiwe emoyeni, ngingakwazi okuzakungehlela khona, Baasraak Zulu New Testament Bible Manje bhekani, mina ngiya eJerusalema ngiboshiwe emoyeni, ngingakwazi okuyakungehlela khona; Contemporary Zulu Bible 2024 Manje bhekani, mina ngiya eJerusalema ngiboshiwe emoyeni, ngingakwazi okuyakungehlela khona; |
Nginombhabhadiso engizakubhabhadiswa ngawo; ngikhathazekile kakhulu, uze ufezeke.
Kwathi sekusondele izinsuku zokuba enyuselwe ezulwini, wanquma ukuya eJerusalema.
Kwathi sekuzakuba nguMkhosi wePhasika uJesu azi ukuthi sesifikile isikhathi sakhe sokuba amuke kulo mhlaba aye kuYise, kepha wayebathandile abangabakhe abasemhlabeni kwaze kwaba sekugcineni.
Ngakho-ke uJesu ekwazi konke okuzakumehlela, waphuma, wathi kubo: “Nifuna bani na?”
Kuthe uPawula esabalindile e-Athene, umoya wakhe wathinteka kakhulu lapho ebona umuzi ugcwele izithombe.
Kwathi sekwenzekile lokho, uPawula wanquma emoyeni wakhe ukuya eJerusalema, esenqamulile eMakhedoniya nase-Akhaya, wathi: “Uma sengifinyelele lapho kufanele ukuba ngiyobona neRoma.”
Ngokuba uPawula wayenqumile ukudlula e-Efesu ngomkhumbi ukuze angachithi sikhathi e-Asiya. Phela wayephuthuma ukuze, uma kwenzeka, abe seJerusalema ngosuku lwePhentekhoste.
Uthando lukaKhristu luyasiqhubezela; lokhu sibona ukuthi munye owafela bonke, ngakho-ke bonke sebafa;
Kepha anilazi ikusasa ukuthi liniphatheleni nokuthi impilo yenu iyakuba yini na? Ngokuba niyinkungu ebonakala isikhashana bese iyanyamalala.
nakuba ngazi kahle ukuthi akusensuku zatshwala ngilishiye leli dokodo, njengalokhu neNkosi uJesu Khristu yangitshela ngokusobala.