IzEnzo 20:19 - IsiZulu 2020 Ngikhonza iNkosi ngokuthobeka okukhulu, ngezinyembezi, nangokulingwa okwangehlela ngenxa yamacebo abaJuda. IBHAYIBHELI ELINGCWELE ngikhonza iNkosi ngakho konke ukuthobeka, nangezinyembezi, nangokulingwa okwangehlela ngamacebo abaJuda, Baasraak Zulu New Testament Bible ngikhonza iNkosi ngakho konke ukuthobeka kwengqondo, langezinyembezi ezinengi, lezilingo, engangehlelayo ngokuqamekela abaJuda; Contemporary Zulu Bible 2024 ngikhonza iNkosi ngakho konke ukuthobeka kwengqondo, langezinyembezi ezinengi, lezilingo, engangehlelayo ngokuqamekela abaJuda; |
Kepha uma ningalaleli; umphefumulo wami uyakukhala ngasese, ngenxa yokuzigqaja kwenu; iso lami liyakukhala kalusizi, liphophoze izinyembezi; ngokuba umhlambi kaSimakade uthunjiwe.
Sengathi ikhanda lami lingamanzi, namehlo ami ngumthombo wezinyembezi, ukuba ngikhalele ababuleweyo babantu bami imini nobusuku.
Uma umuntu efuna ukungikhonza, makangilandele; lapho ngikhona Mina, siyakuba khona lapho nesikhonzi sami. Uma umuntu engikhonza, uBaba uyakumazisa.
Kepha lapho abaJuda baseThesalonikha bezwa ukuthi uPawula ulishumayele izwi likaNkulunkulu naseBhiriya, banikela khona, bafike bazinyakazisa, bazivukuza izixuku.
Kepha abaJuda benomhawu, baqoqa abantu ababi, baba yisixuku, base bedala isiyaluyalu emzini. Bahlasela indlu kaJasoni befuna ukubakhiphela ngaphandle kubantu.
Wahlala khona izinyanga ezintathu. Kuthe eselungiselela ukuya eSiriya ngomkhumbi, abaJuda bakha uzungu lokumbulala, wayesecabanga ukuba abuyele emuva ngendlela edabula eMakhedoniya.
Ngakho qaphelani, nikhumbule ukuthi iminyaka emithathu, ubusuku nemini angiyekanga ukuniluleka nonke ngamunye ngezinyembezi.
Kuthe sekuzophela izinsuku eziyisikhombisa, abaJuda base-Asiya bembonile ethempelini, bagovuza sonke isixuku, bambamba,
Ngokuba ngalobu busuku bekumi ngakimi ingelosi kaNkulunkulu engingowakhe nengimkhonzayo,
UPawula, inceku kaKhristu uJesu, obiziwe ukuba ngumphostoli nowehlukaniselwe ivangeli likaNkulunkulu,
Ngokuba uNkulunkulu, engimkhonzayo ngenhliziyo yami yonke ngokulishumayela ivangeli leNdodana yakhe, ungufakazi wami, ukuthi nginikhumbula njalo
Ngokuba nganilobela ngisezinhlungwini, ngidabukile enhliziyweni, futhi kuphophoza izinyembezi, hhayi ukuba nginizwise ubuhlungu, kodwa ukuba nazi ukuthi nginithanda kakhulu.
kungesikho ukuthi kukhona thina esingakukhomba sithi kuvela kithi, kodwa amandla ethu avela kuNkulunkulu,
Nangesikhathi sifika eMakhedoniya, imizimba yethu ayibanga nakuphumula, kodwa sakhathazeka nxazonke; kunezingxabano ngaphandle, nokwesaba ngaphakathi.
Ngabe manje ngizama ukuzincengela kubantu noma kuNkulunkulu na? Ngabe ngizama ukuthokozisa abantu na? Uma ngisazama ukuthokozisa abantu, ngabe angisiyo inceku kaKhristu.
Abaningi enganitshela ngabo ngiphindelela, kumanje ngisanitshela ngabo ngikhala izinyembezi, bahamba beyizitha zesiphambano sikaKhristu.
Ngokuba bona luqobo babika ngathi ukuthi nasemukela kanjani, nokuthi naphendukela kanjani kuNkulunkulu nashiya izithombe, ukuze nikhonze uNkulunkulu ophilayo noweqiniso;
ngilangazelela ukukubona; ngikhumbula izinyembezi zakho, ukuze ngigcwaliswe ngentokozo.
Bazalwane bami, uma nehlelwa yizilingo ezinhlobonhlobo, zithatheni ngokuthi zingukuthokoza kuphela,
enithokoza kakhulu ngalokho, nakuba manje nidatshukiswa yizilingo ezinhlobonhlobo,
USimoni Phethro, inceku nomphostoli kaJesu Khristu, kulabo abemukele ukukholwa okuyigugu kanye nathi, ngokulunga kukaNkulunkulu wethu noMsindisi uJesu Khristu:
Ngakho-ke bami phambi kwesihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu, bamkhonza imini nobusuku ethempelini lakhe, nalowo ohleli esihlalweni sobukhosi uyakwendlala ithabanakeli phezu kwabo.