Bafika e-Efesu, wayesebashiya lapho; yena wangena esinagogeni, waqophisana nabaJuda.
IzEnzo 20:18 - IsiZulu 2020 Kuthe esefikile kuye, wathi kuwo: “Niyazi ukuthi kusukela osukwini lokuqala engafika ngalo e-Asiya ngaziphatha kanjani isikhathi sonke nginani. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kwathi esefikile kuye, wathi kuwo: “Niyazi nina ukuthi kusukela osukwini lokuqala engafika ngalo e-Asiya nganginjani isikhathi sonke nginani, Baasraak Zulu New Testament Bible Sebefikile kuye, wathi kubo: Niyazi, kusukela osukwini lokuqala engafika ngalo eAsiya, ukuthi nganginjani kini ngezikhathi zonke; Contemporary Zulu Bible 2024 Sebefikile kuye, wathi kubo: Niyazi, kusukela osukwini lokuqala engafika ngalo eAsiya, ukuthi nganginjani kini ngezikhathi zonke; |
Bafika e-Efesu, wayesebashiya lapho; yena wangena esinagogeni, waqophisana nabaJuda.
Kwathi u-Apholo eseseKhorinte, kwafika uPawula e-Efesu, esenqamule ezifundeni ezingenhla; wafica abafundi abathile,
Lokho kwenzeka iminyaka emibili, kwaze kwathi bonke abakhile e-Asiya balizwa izwi leNkosi, abaJuda namaGriki.
Ngokuba uPawula wayenqumile ukudlula e-Efesu ngomkhumbi ukuze angachithi sikhathi e-Asiya. Phela wayephuthuma ukuze, uma kwenzeka, abe seJerusalema ngosuku lwePhentekhoste.
Wayephelezelwa nguSophathru kaPhiru waseBhiriya, abaseThesalonikha: u-Aristarku, uSekhundu, uGayu waseDerbe, uThimothewu, nabase-Asiya uThikhiku noThrofimu.
Ngokuba ukuzibonga kwethu yilokhu okungubufakazi bukanembeza wethu, ukuthi sibe msulwa, sahamba ngobuqotho bukaNkulunkulu emhlabeni, ikakhulu maqondana nani; asihambanga ngokuhlakanipha kwabantu, kodwa ngomusa kaNkulunkulu.
Kodwa wena walandela ngokucophelela imfundiso yami, ukuziphatha, umgomo, ukukholwa, ukubekezela, uthando, ukuhlupheka,