IzEnzo 2:6 - IsiZulu 2020 Sekuzwakele lokhu kuduma, kwabuthana uquqaba, ludidekile, ngokuba yilowo nalowo wayebezwa bekhuluma ngolimi lwakubo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE kwathi kuzwakele lowo mdumo, uquqaba lwabuthana, lwaphithiza, ngokuba kwaba yilowo nalowo wabezwa bekhuluma ngolimi lwakubo. Baasraak Zulu New Testament Bible Kwathi lo mdumo lo, ixuku labuthana, lasanganiseka, ngoba ngulowo lalowo wabezwa bekhuluma ngolimi lwakibo. Contemporary Zulu Bible 2024 Kwathi lo mdumo lo, ixuku labuthana, lasanganiseka, ngoba ngulowo lalowo wabezwa bekhuluma ngolimi lwakibo. |
“Kuyakuba khona izibonakaliso elangeni, enyangeni, nasezinkanyezini. Izizwe emhlabeni zehlelwe usizi nokudideka ngenxa yokuhlokoma kolwandle nokudlanga kwamaza alo.
Kuthe bengazelele, kwezwakala inhlokomo ivela ezulwini, kungathi eyokuvunguza komoya onamandla, wagcwalisa indlu yonke ababehleli kuyo.
Isabambelele kuPhethro noJohane, bonke abantu bagijimela kubo emphemeni okuthiwa okaSolomoni, beshaqeke kakhulu.
ngokuba ngivulelwe umnyango omkhulu wethuba lokusebenza; nakuba bebaningi abamelene nami.
Kepha ekufikeni kwami eThrowa ukuba ngishumayele ivangeli likaKhristu, ngavulelwa umnyango yiNkosi,