IzEnzo 2:33 - IsiZulu 2020 Ngakho-ke waphakanyiselwa ngakwesokunene sikaNkulunkulu, esemukele kuYise isithembiso sikaMoya oNgcwele, ukuthululile lokhu enikubonayo nenikuzwayo.” IBHAYIBHELI ELINGCWELE ngakho ephakanyiselwe ngakwesokunene sikaNkulunkulu, esamukele kuYise isithembiso sikaMoya oNgcwele, wakuthulula lokhu enikubonayo nenikuzwayo. Baasraak Zulu New Testament Bible Ngakho-ke ephakanyiselwe ngakwesokunene sikaNkulunkulu, esamukele kuYise isithembiso sikaMoya oNgcwele, ukuchithile lokhu enikubonayo nenikuzwayo manje. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngakho-ke ephakanyiselwe ngakwesokunene sikaNkulunkulu, esamukele kuYise isithembiso sikaMoya oNgcwele, ukuchithile lokhu enikubonayo nenikuzwayo manje. |
Ngaleso sikhathi wakhuluma ngombono kwabethembekileyo bakho, wathi: “Ngimsizile onamandla, ngimphakamisile okhethwe phakathi kwabantu.
Ukwethembeka kwami nomusa wami kuyakuba naye, egameni lami luyakuphakama udumo lwakhe.
Bheka, inceku yami iyoba nempumelelo; iyakukhuliswa, iphakanyiswe, iphakame kakhulu.
Ngalokho ngiyakuyabela indawo nabakhulu, iyakuhlukanisa impango nabanamandla, ngokuba yawuthulula umphefumulo wayo ekufeni, yabalwa kanye nezelelesi; nokho yathwala izono zabaningi, yakhulekela aboni.
UJesu wasondela, wakhuluma kubo, wathi: “Ngiphiwe amandla wonke ezulwini nasemhlabeni.
Kwathi lapho iNkosi uJesu isibatshelile konke lokho, yakhushulelwa ezulwini, yahlala ngakwesokunene sikaNkulunkulu.
Sengiyathumela kini isithembiso sikaBaba, kodwa hlalani emzini, nize nembathiswe amandla avela phezulu.”
Ngiyakucela kuBaba ukuba aniphe omunye uMduduzi ukuba ahlale kini kuze kube phakade;
Kepha uMduduzi, uMoya oNgcwele, uBaba ayakumthumela egameni lami, uyakunifundisa konke, anikhumbuze konke enginitshele khona.
“Lapho esefikile uMduduzi engiyakumthumela kini evela kuBaba; uMoya weqiniso, ophuma kuBaba, nguYena oyakufakaza ngami.
Manje-ke ngikhazimulise Wena Baba, kanye nawe uqobo, ngenkazimulo ebenginayo ngikuwe, umhlaba ungakabi bikho.
Kwathi esahleli nabo, wabayala ukuba bangamuki eJerusalema, kodwa balindele isithembiso sikaYise abasizwe ngaye.
Abasokileyo abakholwayo ababefike noPhethro bamangala kakhulu bebona ukuthi isipho sikaMoya oNgcwele sithululelwe naphezu kwabezizwe.
“ ‘Kuyakuthi ezinsukwini zokugcina, kusho uNkulunkulu, ngiyakuthululela uMoya wami phezu kwenyama yonke; amadodana enu namadodakazi enu ayakuphrofetha, izinsizwa zenu zibone imibono, abadala benu baphuphe amaphupho;
Lowo, uNkulunkulu wamphakamisa ngakwesokunene sakhe ukuba abe yiNkosi noMsindisi, anike u-Israyeli ukuphenduka nokuthethelelwa kwezono.
Ithemba alijabhisi, ngokuba uthando lukaNkulunkulu lutheliwe ezinhliziyweni zethu ngoMoya oNgcwele esimphiweyo.
ukuba isibusiso sika-Abhrahama ngoJesu Khristu sifinyelele kwabezizwe, ukuze samukeliswe isithembiso sikaMoya ngokukholwa.
Kuye, nani senilizwile izwi leqiniso, ivangeli lokusindiswa kwenu, nakholwa nguye futhi, nabekwa uphawu ngoMoya oNgcwele wesethembiso
Ngakho kuthi: “Esenyukele phezulu wathumba ababethunjiwe, wapha abantu izipho.”
Kodwa Yena, esenikele ngomhlatshelo kwaba kanye ngenxa yezono, wahlala phakade ngakwesokunene sikaNkulunkulu,
Kepha siyambona uJesu, owenziwa waba ngaphansana kwezingelosi isikhashana, esethweswe manje umqhele wenkazimulo nodumo, ngenxa yokuba wahlupheka waze wafa, ukuze ngomusa kaNkulunkulu ezwe ukufa ngenxa yabo bonke.
okungaye nikholwa kuNkulunkulu, Yena owamvusa kwabafileyo, wamnika inkazimulo, ukuze ukukholwa kwenu nethemba lenu kube kuNkulunkulu.
othe esenyukele ezulwini, wahlala ngakwesokunene sikaNkulunkulu, esebekile phansi kwakhe izingelosi, ababusi neziphathimandla.