Bhekani, isisu sami sifana newayini elingakavulwa, njengezimvaba zewayini ezintsha, zilungele ukuqhuma.
IzEnzo 2:13 - IsiZulu 2020 Kepha abanye bababhuqa, bethi: “Badakwe yiwayini elimnandi.” IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kepha abanye bebabhuqa bathi: “Bagcwele iwayini elimnandi.” Baasraak Zulu New Testament Bible Abanye bamklolodela bathi: Lababantu bagcwele iwayini elitsha. Contemporary Zulu Bible 2024 Abanye bamklolodela bathi: Lababantu bagcwele iwayini elitsha. |
Bhekani, isisu sami sifana newayini elingakavulwa, njengezimvaba zewayini ezintsha, zilungele ukuqhuma.
nolwanga lwakho lufane newayini elihle, elehla kabushelelezi kothandiweyo wami, lewuka ezindebeni nasemazinyweni.
Kule ntaba kaSimakade Wamabandla uyokwenzela zonke izizwe idili ngokukhulupheleyo nokunomnkantsha, idili lewayini eliqoqodileyo, elinenhlese ecwengekileyo.
Abakwa-Efrayimi bayakuba njengamaqhawe; inhliziyo yabo ithokoze sengathi kungenxa yewayini. Abantwana babo bayakukubona lokho bajabule; inhliziyo yabo ithokoze ngoSimakade.
USimakade Wamabandla uyakubavikela, bayakudla, banyathele amatshe endwayimane. Bayakuphuza igazi labo njengewayini, bagcwale baphuphume njengesitsha sigcwele, nanjengamakhona e-althare.
Laze labusiseka bo! Yeka ubuhle balo! Okusanhlamvu newayini kuyokwenza izinsizwa nezintombi babe yimiqemane.
Akunjengoba nicabanga, ukuthi laba badakiwe, ngokuba kuseyihora lesithathu losuku.
Ngakho-ke uma ibandla lihlangene ndawonye, bonke bakhulume ngezilimi, bese kungena abangenalwazi noma abangakholwa, abazukusho yini ukuthi niyahlanya na?