Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




IzEnzo 19:34 - IsiZulu 2020

Kwathi ukuba bazi ukuthi ungumJuda, base bememeza bonke ngazwi linye, cishe amahora amabili, bethi: “Mkhulu u-Artemisi wabase-Efesu.”

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Kwathi ukuba bezwe ukuthi ungumJuda, bamemeza bonke ngazwi linye kwangathi amahora amabili, bathi: “Mkhulu uDiyana wabase-Efesu.”

Uka jalj uñjjattʼäta

Baasraak Zulu New Testament Bible

Kodwa sebekwazi ukuthi ungumJuda, bonke ngazwi linye bamemeza kungathi amahola amabili, Mkhulu uDiyana wabaseEfesu!

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Kodwa sebekwazi ukuthi ungumJuda, bonke ngazwi linye bamemeza kungathi amahola amabili, Mkhulu uDiyana wabaseEfesu!

Uka jalj uñjjattʼäta



IzEnzo 19:34
10 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Bayithatha inkunzi abayinikwayo, bayilungisa. Balibiza igama likaBhali kusukela ekuseni kwaze kwaba semini, bethi: “Bhali, siphendule,” kepha akubanga khona zwi, nophendulayo wayengekho. Bagida ngase-althare ayelakhile.


Kepha uma nikhuleka, ningathemelezi njengabezizwe, ngokuba bacabanga ukuthi bayakuzwakala ngokukhuluma kwabo okuningi.


babayisa ezinduneni, bathi: “Laba bantu banyakazisa umuzi wakithi, bebe bengabaJuda,


Ngokuba umuntu othile ogama lakhe linguDemethriyu, umkhandi wesiliva owayenza amathempelana esiliva ka-Artemisi, wabalethela inzuzo enkulu abakhandi besiliva.


Kepha, niyabona futhi niyezwa ukuthi akusikho kuphela e-Efesu, kodwa cishe kulo lonke i-Asiya, uPawula lona usenxenxe waphendula abantu abaningi, ethi akusibo onkulunkulu laba abenziwe ngezandla.


Sebekuzwile lokho, bathukuthela bathelwa ngamanzi, bamemeza bethi: “Mkhulu u-Artemisi wabase-Efesu.”


Base bekhipha u-Aleksandru esixukwini, abaJuda bamqhuba phambili, kodwa u-Aleksandru waphakamisa isandla, efuna ukuziphendulela kubantu.


Kepha unobhala womuzi wabathulisa abantu, wathi: “Madoda ase-Efesu, ngubani lapha phakathi kwabantu ongazi ukuthi lo muzi wase-Efesu ungumuzi okugcinwe kuwo ithempeli lika-Artemisi omkhulu nesithombe esawa ezulwini na?


Wena othi makungaphingwa, uyaphinga yini na? Wena onyanya izithombe, awuwaphangi yini amathempeli na?


Bakhuleka kudrago, ngokuba wanika isilo amandla, bakhuleka nakuso isilo, bethi: “Ngubani ofana nesilo, ngubani futhi ongalwa naso na?”