Bayithatha inkunzi abayinikwayo, bayilungisa. Balibiza igama likaBhali kusukela ekuseni kwaze kwaba semini, bethi: “Bhali, siphendule,” kepha akubanga khona zwi, nophendulayo wayengekho. Bagida ngase-althare ayelakhile.
IzEnzo 19:34 - IsiZulu 2020 Kwathi ukuba bazi ukuthi ungumJuda, base bememeza bonke ngazwi linye, cishe amahora amabili, bethi: “Mkhulu u-Artemisi wabase-Efesu.” IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kwathi ukuba bezwe ukuthi ungumJuda, bamemeza bonke ngazwi linye kwangathi amahora amabili, bathi: “Mkhulu uDiyana wabase-Efesu.” Baasraak Zulu New Testament Bible Kodwa sebekwazi ukuthi ungumJuda, bonke ngazwi linye bamemeza kungathi amahola amabili, Mkhulu uDiyana wabaseEfesu! Contemporary Zulu Bible 2024 Kodwa sebekwazi ukuthi ungumJuda, bonke ngazwi linye bamemeza kungathi amahola amabili, Mkhulu uDiyana wabaseEfesu! |
Bayithatha inkunzi abayinikwayo, bayilungisa. Balibiza igama likaBhali kusukela ekuseni kwaze kwaba semini, bethi: “Bhali, siphendule,” kepha akubanga khona zwi, nophendulayo wayengekho. Bagida ngase-althare ayelakhile.
Kepha uma nikhuleka, ningathemelezi njengabezizwe, ngokuba bacabanga ukuthi bayakuzwakala ngokukhuluma kwabo okuningi.
babayisa ezinduneni, bathi: “Laba bantu banyakazisa umuzi wakithi, bebe bengabaJuda,
Ngokuba umuntu othile ogama lakhe linguDemethriyu, umkhandi wesiliva owayenza amathempelana esiliva ka-Artemisi, wabalethela inzuzo enkulu abakhandi besiliva.
Kepha, niyabona futhi niyezwa ukuthi akusikho kuphela e-Efesu, kodwa cishe kulo lonke i-Asiya, uPawula lona usenxenxe waphendula abantu abaningi, ethi akusibo onkulunkulu laba abenziwe ngezandla.
Sebekuzwile lokho, bathukuthela bathelwa ngamanzi, bamemeza bethi: “Mkhulu u-Artemisi wabase-Efesu.”
Base bekhipha u-Aleksandru esixukwini, abaJuda bamqhuba phambili, kodwa u-Aleksandru waphakamisa isandla, efuna ukuziphendulela kubantu.
Kepha unobhala womuzi wabathulisa abantu, wathi: “Madoda ase-Efesu, ngubani lapha phakathi kwabantu ongazi ukuthi lo muzi wase-Efesu ungumuzi okugcinwe kuwo ithempeli lika-Artemisi omkhulu nesithombe esawa ezulwini na?
Wena othi makungaphingwa, uyaphinga yini na? Wena onyanya izithombe, awuwaphangi yini amathempeli na?
Bakhuleka kudrago, ngokuba wanika isilo amandla, bakhuleka nakuso isilo, bethi: “Ngubani ofana nesilo, ngubani futhi ongalwa naso na?”