Waqala ukushumayela ngesibindi esinagogeni, kwathi ukuba bamuzwe oPhrisila no-Akhwila, bamthatha bamcacisela kahle indlela kaNkulunkulu.
IzEnzo 19:23 - IsiZulu 2020 Kepha ngaleso sikhathi kwasuka isiphithiphithi esikhulu maqondana neNdlela. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kepha ngaleso sikhathi kwavela isiphithiphithi esingesincane maqondana naleyo Ndlela. Baasraak Zulu New Testament Bible Ngalesosikhathi kwavela isiphithiphithi esingesincinyane mayelana laleyoNdlela. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngalesosikhathi kwavela isiphithiphithi esingesincinyane mayelana laleyoNdlela. |
Waqala ukushumayela ngesibindi esinagogeni, kwathi ukuba bamuzwe oPhrisila no-Akhwila, bamthatha bamcacisela kahle indlela kaNkulunkulu.
Kepha lapho abanye sebeqinise amakhanda, bengalaleli futhi bejivaza leyo Ndlela phambi kwesixuku, wasuka kubo, wathatha abafundi, waba nezinkulumompikiswano imihla ngemihla esikoleni sikaTharanu.
Ngayizingela le Ndlela kwaze kwaba sekufeni, abesilisa nabesifazane ngibabopha, ngibakhaphela emajele,
Kepha ngiyakuvuma lokhu kuwe ukuthi mayelana neNdlela abayibiza ngokuthi wukuduka, ngikhonza kanjalo uNkulunkulu wokhokho, futhi ngiyakholwa yikho konke okulotshwe emthethweni nakubaphrofethi;
Kepha uFelikisi ekwazi kahle okuqondene naleyo Ndlela, wakuguqisa ukuqulwa kwecala, ethi: “Kuyakuthi uma sekufike uLisiya, induna yenkulungwane, bese nginquma ngodaba lwenu.”
wacela kuye izincwadi zokuya eDamaseku emasinagogeni, ukuze kuthi uma efumana abantu baleyo Ndlela, abesilisa nabesifazane, abayise eJerusalema beboshiwe.
Ngangisendleleni njalo, ngisengozini emifuleni, kubaphangi, kubantu bakithi, kwabezizwe, ngisengozini emzini, ngisengosini ehlane, olwandle, ngisengozini nakubazalwane bamanga.
ekushayweni, ekuboshweni, eziphithiphithini, ekukhandlekeni, ekuqwasheni, ekuzileni ukudla;
njengabangaziwa kanti saziwa kakhulu, njengabafayo kanti siyaphila, njengabashaywayo kanti asibulawa,