futhi ngimqokile ukuba afundise abantwana bakhe nabendlu yakhe, ukuba bagcine umyalo kaSimakade ngokwenza ukulunga nobulungiswa, ukuze uSimakade akufeze lokho amethembise khona.”
IzEnzo 18:25 - IsiZulu 2020 Yena wayeyifundisiwe indlela yeNkosi, evutha emoyeni, wakhuluma, wafundisa ngokucacile ngezindaba eziqondene noJesu, kodwa wayazi kuphela umbhabhadiso kaJohane. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Yena wayefundisiwe indlela yeNkosi; evutha emoyeni wakhuluma, wafundisa ngesineke izindaba eziqondene noJesu, azi ukubhapathiza kukaJohane kuphela; Baasraak Zulu New Testament Bible Lo muntu wayefundiswe indlela yeNkosi; evutha emoyeni wakhuluma, wafundisa kahle izinto zeNkosi, azi umbhapathizo kaJohane kuphela. Contemporary Zulu Bible 2024 Lo muntu wayefundiswe indlela yeNkosi; evutha emoyeni wakhuluma, wafundisa kahle izinto zeNkosi, azi umbhapathizo kaJohane kuphela. |
futhi ngimqokile ukuba afundise abantwana bakhe nabendlu yakhe, ukuba bagcine umyalo kaSimakade ngokwenza ukulunga nobulungiswa, ukuze uSimakade akufeze lokho amethembise khona.”
Izwi liyamemeza, lithi: “Lungisani indlela kaSimakade ehlane, nihlelembe umgwaqo kaNkulunkulu wethu ongcwele.
Usho kanje uSimakade, uthi: “Yimani ezindleleni, nibone, nibuze ngemikhondo yasemandulo ukuthi ikuphi indlela enhle, nihambe kuyo, niyakufumana ukuphumula kwemiphefumulo yenu, kepha, bathi: ‘Asiyukuhamba kuyo.’
Ngubani ohlakaniphileyo na? Uyakuziqonda lezi zinto. Ngubani onengqondo na? Uyakuzazi lezi zinto. Ngokuba izindlela zikaSimakade zilungile; abalungileyo bahamba ngazo, kodwa abaphambukayo bayakhubeka kuzo.
izwi lomemezayo ehlane, lithi: ‘Lungisani indlela yeNkosi, nenze imikhondo yayo iqonde.’ ”
Bafika kuye, bathi: “Mfundisi, siyazi ukuthi ukhuluma iqiniso, futhi awuzikhathazi ngokuthi abantu bathini. Ngokuba awukhethi buso bamuntu, kodwa ufundisa indlela kaNkulunkulu ngeqiniso. Ngabe kuvunyelwe yini ukuthela intela kuKhesari noma qha na? Sithele yini noma singatheli?”
Abantu bonke, yebo, nabathelisi sebekuzwile lokho bavuma ukuthi uNkulunkulu ulungile, babhabhadiswa ngombhabhadiso kaJohane.
wathi: “Maye, kuwe wena ogcwele inkohliso yonke nobubi bonke, ndodana kaSathane, sitha sokulunga konke, awuyukuyeka yini ukuphambukisa izindlela eziqondileyo zeNkosi na?
Yalandela uPawula kanye nathi, imemeza ithi: “Laba bantu bayizinceku zikaNkulunkulu oPhezukonke, ezimemezela kini indlela yensindiso.”
Waqala ukushumayela ngesibindi esinagogeni, kwathi ukuba bamuzwe oPhrisila no-Akhwila, bamthatha bamcacisela kahle indlela kaNkulunkulu.
Kepha lapho abanye sebeqinise amakhanda, bengalaleli futhi bejivaza leyo Ndlela phambi kwesixuku, wasuka kubo, wathatha abafundi, waba nezinkulumompikiswano imihla ngemihla esikoleni sikaTharanu.
wacela kuye izincwadi zokuya eDamaseku emasinagogeni, ukuze kuthi uma efumana abantu baleyo Ndlela, abesilisa nabesifazane, abayise eJerusalema beboshiwe.
Akekho othi esebenza njengebutho alibale yiminako yalokhu kuphila, kodwa ulwela ukuthokozisa lowo ombuthileyo.
Ngakho-ke vumani izono omunye komunye, nikhulekelane ukuze niphulukiswe. Umkhuleko wolungileyo unamandla kakhulu.
ukuze uSimakade amvivinye u-Israyeli, abone ukuthi uyakuqikelela yini noma qha ukuhamba ngezindlela zakhe njengoba benza okhokho babo.”
Yebo, mangingakwenzi mina ukuba ngone kuSimakade ngiyeke ukunikhulula; ngiyakunifundisa indlela enhle nelungileyo.