Ngakho-ke zonke lezi zikhulu zizokuza kimi, zingikhothamele, zithi: ‘Hamba wena nabantu bonke abakulandelayo.’ Emveni kwalokho ngizohamba.” Waphuma wamshiya uFaro evutha bhe wulaka.
IzEnzo 16:39 - IsiZulu 2020 Sezifikile zabancenga, sezibakhiphile zabanxusa ukuba basuke kulowo muzi. IBHAYIBHELI ELINGCWELE zeza zabancenga; sezibakhiphile zabanxusa ukuba bamuke emzini. Baasraak Zulu New Testament Bible Beza babancenga, babakhipha, babacela ukuba baphume emzini. Contemporary Zulu Bible 2024 Beza babancenga, babakhipha, babacela ukuba baphume emzini. |
Ngakho-ke zonke lezi zikhulu zizokuza kimi, zingikhothamele, zithi: ‘Hamba wena nabantu bonke abakulandelayo.’ Emveni kwalokho ngizohamba.” Waphuma wamshiya uFaro evutha bhe wulaka.
Usho kanje uSimakade, uthi: “Ingcebo yaseGibhithe nokuzuziweyo kwaseKhushe, nangamaShebha, abantu abade; kuyakuza kuwe, kube ngokwakho; bayakukulandela, bafike beboshwe ngamaketanga; bakukhothamele, bakhuleke kuwe, bathi: ‘UNkulunkulu unani kuphela, akekho omunye, akekho omunye uNkulunkulu ngaphandle kwakhe.’ ”
Amakhosi ayakuba ngabazanyana bakho, nezindlovukazi zawo zibe ngabancelisi bakho; bayokukhothamela, ubuso bubheke phansi, bakhothe uthuli lwezinyawo zakho; uyokwazi ukuthi nginguSimakade, abethembela kimi abayukujabha.”
Amadodana alabo abakuhluphileyo ayoza kuwe ekhokhoba, ekuhlonipha, nabo bonke abakwedelelayo bayokhothama ngasematheni ezinyawo zakho, bakubize ngokuthi nguMuzi kaSimakade neZiyoni loNgcwele ka-Israyeli.
Yayisiyaleza inkosi, walethwa uDaniyeli, waphonswa emphandwini wezingonyama. Inkosi yakhuluma, yathi kuDaniyeli: “Sengathi uNkulunkulu wakho omkhonza njalo angakuhlenga.”
Inkosi yajabula kakhulu, yayala ukuba uDaniyeli akhushulwe emphandwini. UDaniyeli wayesekhushulwa kuwo, akutholakalanga myocu kuye, ngokuba wayemethembile uNkulunkulu wakhe.
Umuzi wonke waphuma ukuyobona uJesu; kwathi lapho bembona, bamncenga ukuba aphume aphele emingceleni yakwelakubo.
Lalela-ke, ngiyakubakhipha esinagogeni likaSathane labo abazishaya abaJuda bengesibo, kodwa beqamba amanga. Ngiyakubenza ukuba beze bakhuleke phambi kwezinyawo zakho, bazi ukuthi ngikuthandile.