IzEnzo 16:11 - IsiZulu 2020 Sasuka eThrowa ngomkhumbi, saqonda eSamothrake, kwathi ngakusasa safika eNeyapholi. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Khona samuka eTrowa ngomkhumbi, saqonda eSamotrake, ngangomuso safika eNeyapholi. Baasraak Zulu New Testament Bible Ngakho sasuka eTrowa ngomkhumbi, saqonda eSamotraki, ngangomuso safika eNeyapholi; Contemporary Zulu Bible 2024 Ngakho sasuka eTrowa ngomkhumbi, saqonda eSamotraki, ngangomuso safika eNeyapholi; |
Kwathi lapho sesihlukene nabo, sahamba ngomkhumbi, sahamba ngendlela eqondile saze safika eKhose, ngakusasa safinyelela eRode, sedlula lapho saya ePhathara,
Kepha ekufikeni kwami eThrowa ukuba ngishumayele ivangeli likaKhristu, ngavulelwa umnyango yiNkosi,
Ijazi engalishiya eThrowa kuKharphu uboliphatha uma uza lapha, nezincwadi, ikakhulu ezesikhumba.