Omubi makayishiye indlela yakhe, nomuntu owenza ibe mibi imicabango yakhe, abuyele kuSimakade, uyokuba nomusa kuye, abuyele kuNkulunkulu wethu, ngokuba uyophiwa intethelelo enkulu.
IzEnzo 15:19 - IsiZulu 2020 “Ngakho-ke mina ngithi masingabakhathazi labo abezizwe abaphendukela kuNkulunkulu. IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Ngakho mina ngithi masingabakhathazi labo kwabezizwe abaphendukela kuNkulunkulu, Baasraak Zulu New Testament Bible Ngakho-ke mina ngithi singabakhathazi labo kwabezizwe abaphendukela kuNkulunkulu; Contemporary Zulu Bible 2024 Ngakho-ke mina ngithi singabakhathazi labo kwabezizwe abaphendukela kuNkulunkulu; |
Omubi makayishiye indlela yakhe, nomuntu owenza ibe mibi imicabango yakhe, abuyele kuSimakade, uyokuba nomusa kuye, abuyele kuNkulunkulu wethu, ngokuba uyophiwa intethelelo enkulu.
Thathani amazwi, nibuyele kuSimakade, nithi kuye: “Thethelela zonke iziphambeko, uthathe amazwi ethu, ukuze sinikele ngemilomo yethu ibe njengemihlatshelo yezinkunzi.
Ngakho-ke kungani manje nilinga uNkulunkulu ngokuthi nibeke ijoka entanyeni yabafundi, obaba kanye nathi esingabanga namandla okulithwala na?
Sizwile ukuthi abanye abavela kithi banikhathaze ngamazwi, balimaza imiphefumulo yenu, esingabathumanga ukuba bakwenze.
Ngokuba kube kuhle kuMoya oNgcwele nakithi ukuba singanethwesi mthwalo ngaphezu kwalokho okumele nikwenze:
Babikelwe ngawe ukuthi ufundisa bonke abaJuda, abaphakathi kwabezizwe, ukuhlubuka kuMose, uthi mabangabasoki abantwana babo, futhi bangawagcini amasiko.
Kepha maqondana nabezizwe abakholwayo, sesibalobele sanquma ukuthi mabakugweme okuhlatshelwe izithombe, igazi, inyama yesilwane esiklinyiweyo nobufebe.”
kodwa ngamemezela kwabaseDamaseku kuqala, nakwabaseJerusalema, nakulo lonke iJudiya nakwabezizwe ukuba baphenduke, baguqukele kuNkulunkulu, benze imisebenzi efanele ukuphenduka.
Kukhona abazalwane mbumbulu abangena isinyenyela bezokuba yizinhloli zenkululeko esinayo kuKhristu uJesu, ukuze basenze izigqila.
Ngokuba bona luqobo babika ngathi ukuthi nasemukela kanjani, nokuthi naphendukela kanjani kuNkulunkulu nashiya izithombe, ukuze nikhonze uNkulunkulu ophilayo noweqiniso;