IzEnzo 15:11 - IsiZulu 2020 Kepha siyakholwa wukuthi sisindiswa ngomusa weNkosi uJesu ngokufanayo nabo.” IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kepha siyakholwa ukuthi sisindiswa ngomusa weNkosi uJesu ngandlelanye nabo.” Baasraak Zulu New Testament Bible Kepha siyakholwa ukuthi siyakusindiswa ngomusa weNkosi uJesu Kristu, njengalokho nabo. Contemporary Zulu Bible 2024 Kepha siyakholwa ukuthi siyakusindiswa ngomusa weNkosi uJesu Kristu, njengalokho nabo. |
Kepha isipho somusa asinjengesiphambeko, ngokuba uma ngesiphambeko samuntu munye kwafa abaningi; ikakhulu kwanda kwabaningi umusa nesipho sikaNkulunkulu, ngomusa wamuntu munye, uJesu Khristu.
Ngokuba inkokhelo yesono ingukufa, kodwa isipho somusa sikaNkulunkulu singukuphila okuphakade kuKhristu uJesu iNkosi yethu.
Umusa weNkosi uJesu uKhristu, nothando lukaNkulunkulu, nokuhlangana kukaMoya oNgcwele makube nani nonke. Amen.
Ngokuba niyawazi umusa weNkosi yethu uJesu uKhristu ukuthi, ngenxa yenu waba mpofu nakuba ayecebile, ukuze ngobuphofu bakhe nina nicebe.
Ngiyamangala ukuthi senimhlubuke ngokushesha okungaka owanibiza ngomusa kaKhristu, nina-ke seniya kwelinye ivangeli.
sazi ukuthi umuntu akalungisiswa ngemisebenzi yomthetho, kodwa ngokukholwa kuphela kuJesu Khristu, nathi sikholwa kuJesu Khristu ukuba silungisiswe ngokukholwa kuKhristu, hhayi ngemisebenzi yomthetho, ngokuba ngemisebenzi yomthetho, akukho muntu oyakulungisiswa.
Ahlabelela iculo elisha, elithi: “Ufanele Wena ukuyithabatha incwadi, nokuqaqa izimpawu zayo, ngokuba wahlatshwa, wabathengela uNkulunkulu ngegazi lakho abavela kuyo yonke imindeni, izilimi, abantu, nezizwe.