Kodwa mina ngigcwele amandla ngoMoya kaSimakade, ubulungiswa nesibindi, ukuba ngitshele uJakobe ngesiphambeko sakhe no-Israyeli ngesono sakhe.
IzEnzo 13:9 - IsiZulu 2020 Kepha uSawula, okuthiwa nguPawula, egcwele uMoya oNgcwele, wamgqolozela, IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kepha uSawulu osethiwa uPawulu, egcwele uMoya oNgcwele wamgqolozela, Baasraak Zulu New Testament Bible Khona uSawulu, othiwa futhi uPawulu, egcwele uMoya oNgcwele, wamgqolozela. Contemporary Zulu Bible 2024 Khona uSawulu, othiwa futhi uPawulu, egcwele uMoya oNgcwele, wamgqolozela. |
Kodwa mina ngigcwele amandla ngoMoya kaSimakade, ubulungiswa nesibindi, ukuba ngitshele uJakobe ngesiphambeko sakhe no-Israyeli ngesono sakhe.
Ngokuba akuyinina eniyakukhuluma, kodwa uMoya kaYihlo, nguye oyakukhuluma kini.
UJesu waqalaza nxazonke ebabuka, ethukuthele, edabukile kakhulu ngenxa yobulukhuni bezinhliziyo zabo. Wayesethi kulowo muntu: “Yelula isandla sakho.” Waselula, saphiliswa isandla sakhe.
Waphinda futhi wabeka izandla zakhe emehlweni ayo, yavula amehlo, yasinda, yabonisisa konke ngokucacileyo.
UJesu wababheka, wayesethi: “Pho kuyini lokhu okulotshiweyo ukuthi: “ ‘Itshe abalinqabayo abakhi, lona laba yinhloko yegumbi’ na?
Bonke bagcwala uMoya oNgcwele, baqala ukukhuluma ngezinye izilimi, njengalokhu uMoya wabapha ukuphumisela.
Kwathi sebekhulekile, kwazanyazanyiswa indawo ababehlanganele kuyo, bonke bagcwaliswa nguMoya oNgcwele, bakhuluma izwi likaNkulunkulu ngesibindi.
Kepha yena, egcwele uMoya oNgcwele, wagqolozela ezulwini, wabona inkazimulo kaNkulunkulu, noJesu emi ngakwesokunene sikaNkulunkulu,