Yilowo nalowo ongayukunamukela ezwe amazwi enu, anothi niphuma nje kulelo khaya noma kulowo muzi, nithintithe uthuli ezinyaweni zenu.
IzEnzo 13:51 - IsiZulu 2020 Sebethintithile uthuli lwezinyawo zabo, baqhubekela e-Ikhoniya. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Bona-ke babavuthululela uthuli lwezinyawo zabo, beza e-Ikoniyu. Baasraak Zulu New Testament Bible Kodwa babathintithela uthuli lwezinyawo zabo, bafika e-Ikoniyu. Contemporary Zulu Bible 2024 Kodwa babathintithela uthuli lwezinyawo zabo, bafika e-Ikoniyu. |
Yilowo nalowo ongayukunamukela ezwe amazwi enu, anothi niphuma nje kulelo khaya noma kulowo muzi, nithintithe uthuli ezinyaweni zenu.
Noma kuyiphi indawo lapho bengayukunamukela khona, nalapho bengayukunilalela khona, anothi uma senisuka kuyo, nithintithe uthuli oluphansi kwezinyawo zenu, lokho kube ngubufakazi kubo.”
‘Ngisho uthuli lomuzi wakini olunamathele ezinyaweni zethu, siluthintithela kini, nokho yazini lokhu ukuthi umbuso kaNkulunkulu ususondele.’
Bonke abangayukunamukela, anothi uma senisuka kulowo muzi, nithintithe uthuli ezinyaweni zenu, ukuze kube ngubufakazi obumelene nabo.”
Kwathi sebese-Ikhoniya bangena esinagogeni sabaJuda, bakhuluma kwaze kwakholwa isixuku esikhulu sabaJuda namaGriki.
Kepha kwafika abaJuda ababevela e-Antiyokhiya nase-Ikhoniyu, sebezizuzile izixuku zaba ngakubo, bamkhanda uPawula ngamatshe, base bemhudulela ngaphandle komuzi, becabanga ukuthi ufile.
Sebelishumayele ivangeli kulowo muzi, bazuza abafundi abaningi, base bebuyela eListra, nase-Ikhoniyu nase-Antiyokhiya,
Kepha bamphikisa, behlambalaza, wayesethintitha izingubo zakhe, wathi kubo: “Igazi lenu malibe phezu kwamakhanda enu, mina anginacala; kusukela manje ngizakuya kwabezizwe.”
ukuhlushwa nezinhlupheko ezangehlela e-Antiyokhiya, e-Ikhoniyu naseListra. Izinhlupheko engazihluphekayo, ngazibekezelela, iNkosi yangikhulula kukho konke.