Nakuba nangakhela uzungu nifuna ukungenzakalisa, kodwa uNkulunkulu wayehlose okuhle, ukuze namuhla kusindiswe izinkumbi zabantu.
IzEnzo 13:27 - IsiZulu 2020 Ngokuba abakhileyo eJerusalema nababusi babo abamazanga Yena, namazwi abaphrofethi afundwa masabatha wonke, kodwa bawafeza ngokumlahla. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngokuba abakhileyo eJerusalema nababusi babo abamazanga yena, namazwi abaprofethi afundwa amasabatha ngamasabatha bawagcwalisa ngokumlahla; Baasraak Zulu New Testament Bible Ngokuba abakhileyo eJerusalema nababusi babo, lokhu bengamazi, noma amazwi abaprofethi afundwa amasabatha ngamasabatha, bawagcwalisile ngokumlahla. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngokuba abakhileyo eJerusalema nababusi babo, lokhu bengamazi, noma amazwi abaprofethi afundwa amasabatha ngamasabatha, bawagcwalisile ngokumlahla. |
Nakuba nangakhela uzungu nifuna ukungenzakalisa, kodwa uNkulunkulu wayehlose okuhle, ukuze namuhla kusindiswe izinkumbi zabantu.
UJesu waphendula, wathi kubo: “Nidukile, aniyazi imibhalo namandla kaNkulunkulu.
UJesu wayesethi: “Ngiyakutshela, Phethro, ukuthi iqhude aliyukukhala namhlanje, ungakangiphiki kathathu ukuthi awungazi.”
nokuthi abaphristi abakhulu nababusi bethu bamnikela kanjani ukuba agwetshelwe ukufa, bambethele esiphambanweni.
Kepha konke lokho bayakukwenza kini ngenxa yegama lami, ngokuba bengamazi ongithumileyo.
Nihlola imibhalo ngokuba nicabanga ukuthi kuyo nizothola ukuphila okuphakade, kanti-ke yiyo efakaza ngami.
Ngakho-ke wathi kubo: “Uma seniyiphakamisile iNdodana yomuntu, kulapho-ke niyakukwazi ukuthi nginguye, nokuthi angenzi lutho ngokwami, kodwa ngikhuluma lokhu engikufundiswe nguBaba.
Ngokuba kusukela ezizukulwaneni zasendulo, kuyo yonke imizi, bakhona abashumayela ngoMose, ngokuba kuyafundwa masabatha wonke, kuwo wonke amasinagoge.”
Sebemmisele usuku, baya kuye endlini ngobuningi, wabacacisela efakaza ngombuso kaNkulunkulu, ebanxenxa ngoJesu ethathela emthethweni kaMose nakubaphrofethi, kusukela ekuseni kwaze kwaba kusihlwa.
Bazalwane, angithandi ukuba ningayazi le mfihlakalo, funa nizishaye abahlakaniphileyo: yazini ukuthi u-Israyeli usenziwe waba lukhuni okwamanje, kuze kupheleliswe isibalo sabezizwe.
Akukho namunye kubabusi balesi sikhathi obekwazi, ngokuba ukuba bebekwazi, babengeke bayibethele iNkosi yenkazimulo.
Kepha yaba lukhuni ingqondo yabo, ngokuba kuze kube yinamuhla uma kufundwa isivumelwano esidala, leyo ndwangu isalokhu ihlezi ingembuliwe, kodwa yembulwa kuphela kuKhristu.
okuyibona unkulunkulu waleli lizwe eyiphuphuthekisile ingqondo yabangakholwa, ukuze lingakhanyi kubo ivangeli lenkazimulo kaKhristu ongumfanekiso kaNkulunkulu.
nakuba ngangikade ngingohlambalazayo, nozingela amakholwa, nohluphayo. Kepha ngahawukelwa, ngokuba ngangikwenza ngokungazi nangokungakholwa.