IzEnzo 13:17 - IsiZulu 2020 uNkulunkulu walesi sizwe sakwa-Israyeli waqoka okhokho bethu, wabenza abantu baba yisizwe esikhulu eGibhithe ababengabafokazi kulo, wabakhipha ngengalo ephakemeyo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE UNkulunkulu walesi sizwe sakwa-Israyeli wabakhetha obaba, wabaphakamisa abantu bengabafokazi ezweni laseGibithe; wabakhipha kulo ngengalo ephakemeyo. Baasraak Zulu New Testament Bible UNkulunkulu walesi sizwe sakwa-Israyeli wakhetha okhokho bethu, wabaphakamisa abantu lapho bengabafokazi ezweni laseGibhithe, futhi ngengalo ephakemeyo wabakhipha kulo. Contemporary Zulu Bible 2024 UNkulunkulu walesi sizwe sakwa-Israyeli wakhetha okhokho bethu, wabaphakamisa abantu lapho bengabafokazi ezweni laseGibhithe, futhi ngengalo ephakemeyo wabakhipha kulo. |
Ngalolo lusuku uSimakade wabakhipha abantu bakwa-Israyeli eGibhithe ngamaviyo abo.
Kuyakuthi ngomuso lapho indodana yakho ikubuza, ithi: ‘Kuyini lokhu na?’ uyothi: ‘USimakade wasikhipha ngesandla esinamandla eGibhithe, indlu yobugqila.
Lokhu kuyakuba wuphawu esandleni sakho, nesikhumbuzo esiphongweni sakho, ukuthi uSimakade wasikhipha ngesandla esinamandla eGibhithe.”
USimakade wayenza lukhuni inhliziyo kaFaro inkosi yaseGibhithe, wabalandela abantu bakwa-Israyeli ngokuba babephume ngesandla esiphakeme.
Manje ngiyazi ukuthi uSimakade mkhulu kunabo bonke onkulunkulu, ngoba ukhulule abantu bakhe kwabaseGibhithe, lapho bebebaphethe khona ngokubaqonela.”
“Mina nganikhipha eGibhithe, nganihola ehlane iminyaka engamashumi amane ukuba nidle izwe lama-Amori.
Nganikhuphula eGibhithe, nganihlenga endlini yezigqila, ngathumela uMose, u-Aroni noMiriyamu ukuba banihole.
Okhokho bakho babengama-70 ngesikhathi behlela eGibhithe; manje uSimakade uNkulunkulu wakho ukwenzile waba lukhumbintethe ngangezinkanyezi zezulu.”
Ngokuba ningabantu abangcwele kuSimakade uNkulunkulu wenu. Unikhethile ukuba nibe yisizwe esiyifa lakhe phakathi kwezizwe zonke ezisebusweni bomhlaba.
Nokho uSimakade wakuthatha wena, wakukhipha esithandweni sensimbi, iGibhithe, ukuze nibe ngabantu abayifa lakhe njenganamuhla.
Ukhona yini unkulunkulu owake walinga ukuza azithathele isizwe phakathi kwesinye isizwe ngezilingo, ngezibonakaliso, ngezimangaliso, ngempi, ngesandla esinamandla, ngengalo eyeluliweyo, nangengebhe enkulu njengakho konke uSimakade uNkulunkulu wenu anenzela khona eGibhithe, nizibonela ngawenu, na?
Ngenxa yokuba ebathanda okhokho bakho, wazikhetha izizukulwane zabo emva kwakho; wakukhipha Yena uqobo eGibhithe ngamandla akhe amakhulu,
izilingo ezinkulu azibonayo amehlo akho, izibonakaliso, izimangaliso, isandla esinamandla nengalo eyeluliweyo, uSimakade uNkulunkulu wakho akukhipha ngakho. USimakade uNkulunkulu wakho uyokwenza kanjalo kuzo zonke izizwe ozesabayo.
Akubanga ngenxa yokulunga kwakho noma ubuqotho benhliziyo yakho ukuba ungene ulidle izwe lazo, kodwa kungenxa yobubi balezo zizwe uSimakade uNkulunkulu wakho azixoshile phambi kwakho, ukuze aqinise izwi uSimakade afunga ngalo kokhokho bakho, u-Abhrahama, u-Isaka noJakobe.
Kepha nina niluhlanga olukhethiweyo, ubuphristi basebukhosini, isizwe esingcwele, abantu abangabakaNkulunkulu, ukuze nishumayele ngobuhle balowo owanibiza, ukuba niphume ebumnyameni ningene ekukhanyeni kwakhe okumangalisayo.
Maye kithi! Ngubani oyosihlenga esandleni salaba onkulunkulu abanamandla na? Yibo labo nkulunkulu abashaya abaseGibhithe ngalo lonke ubhubhane ehlane.