IzEnzo 12:12 - IsiZulu 2020 Sekumkhanyele lokho, wafika endlini kaMariya, unina kaJohane okuthiwa uMakhu, lapho kwakubuthene khona abaningi bekhuleka. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Sekumkhanyele lokho, wafika endlini kaMariya unina kaJohane othiwa uMarku, lapho bebebuthene khona abaningi bekhuleka. Baasraak Zulu New Testament Bible Esekubonile lokho, wafika endlini kaMariya unina kaJohane othiwa uMarku; lapho ababebuthene khona abanengi bekhuleka. Contemporary Zulu Bible 2024 Esekubonile lokho, wafika endlini kaMariya unina kaJohane othiwa uMarku; lapho ababebuthene khona abanengi bekhuleka. |
UBharnabha noSawula babuyela eJerusalema, ngokuba base bekuqedile ukukhonza kwabo, behamba noJohane okuthiwa nguMakhu.
Ngakho-ke uPhethro wagqunywa ejele. Ibandla lamkhulekela ngesineke kuNkulunkulu.
UPawula nababehambisana naye basuka ePhafu ngomkhumbi baze bayofika ePherge ePhamfiliya, kepha uJohane wehlukana nabo, wabuyela eJerusalema.
Lapho befika eSalami, bashumayela izwi likaNkulunkulu emasinagogeni abaJuda; babehamba noJohane owayebasiza.
Sebephumile ejele, bangena kwaLidiya, kwathi sebebabonile abazalwane, babakhuthaza, base behamba.
Kuthe sebededelwe, baya kwabakubo; bababikela konke abaphristi abakhulu namalunga abakushilo kubo.
Uyakhonza kini u-Aristarkhu oyisiboshwa kanye nami, noMakhu umzala kaBharnabha, enatshelwa ngaye. Uma efika kini, mamukeleni,
Liyakhonza kini ibandla eliseBhabhiloni elikhethiweyo kanye nani, uyakhonza noMakhu indodana yami.