Waphinda futhi wabeka izandla zakhe emehlweni ayo, yavula amehlo, yasinda, yabonisisa konke ngokucacileyo.
IzEnzo 11:6 - IsiZulu 2020 Ngasibhekisisa, ngasigqolozela, ngabona izilwane zomhlaba ezinezinyawo ezine, izilo zasendle, nezinwabuzelayo, nezinyoni zezulu. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kwathi ukuba ngiyigqolozele, ngabhekisisa, ngabona izilwane zomhlaba ezinezinyawo ezine, nezilo zasendle, nezinwabuzelayo, nezinyoni zezulu. Baasraak Zulu New Testament Bible okwathi ngigqolozele kukho, ngabona, ngabona izilwane zomhlaba ezinezinyawo ezine, nezilo zasendle, nezilwanyana ezinwabuzelayo, nezinyoni zezulu. Contemporary Zulu Bible 2024 Okwathi ngigqolozele kukho, ngabona, ngabona izilwane zomhlaba ezinezinyawo ezine, nezilo zasendle, nezilwanyana ezinwabuzelayo, nezinyoni zezulu. |
Waphinda futhi wabeka izandla zakhe emehlweni ayo, yavula amehlo, yasinda, yabonisisa konke ngokucacileyo.
Wawugoqa umqulu, wawunika isikhonzi, wahlala; amehlo wonke ababesesinagogeni amgqolozela.
Kwakukhona kuso izilwane zomhlaba ezinhlobonhlobo ezinezinyawo ezine, nezinwabuzelayo nezinyoni zezulu.
“Bengisemzini eJopha, ngikhuleka; ngafikelwa yisiyezi, ngabona umbono, kwehla isitsha esithile sinjengendwangu enkulu, sehliswa ezulwini ngamachopho amane, saze safika kimi.