AbaFarisi, bekubona lokho, bathi kubafundi bakhe: “Kwenziwa yini ukuba umfundisi wenu adle nabathelisi nezoni na?”
IzEnzo 11:3 - IsiZulu 2020 bathi: “Ungene emzini wabantu abangasokile, wadla nabo!” IBHAYIBHELI ELINGCWELE bathi: “Ungene kubantu abangasokile, wadla nabo.” Baasraak Zulu New Testament Bible besithi: Wangena ebantwini abangasokanga, wadla labo. Contemporary Zulu Bible 2024 besithi: Wangena ebantwini abangasokanga, wadla labo. |
AbaFarisi, bekubona lokho, bathi kubafundi bakhe: “Kwenziwa yini ukuba umfundisi wenu adle nabathelisi nezoni na?”
Kepha abaFarisi nezazimthetho bakhononda, bethi: “Lo muntu wamukela izoni, futhi adle nazo.”
Khona bamhola uJesu esuka kuKhayafase, bamyisa enkundleni yokwehlulela; kwakusekuseni. Kepha bona kabangenanga enkundleni yokwehlulela ukuze bangazingcolisi, kodwa bakwazi ukudla iPhasika.
USimoni wayesewabiza, wawangenisa endlini yakhe. Ngakusasa wasuka wahamba nawo, ephelezelwa ngabazalwane abathile baseJopha.
Wathi kubo: “Niyazi ukuthi akuvunyelwe ukuba umuntu ongumJuda ahlangane noma ahambelane nowesinye isizwe, kodwa uNkulunkulu ungitshengisile ukuba ngingasho nakoyedwa ngithi unechilo noma ungcolile.
Ngakho, thumela eJopha, ubize uSimoni okuthiwa nguPhethro; ungenise endlini kaSimoni, umshuki wezikhumba, ngasolwandle.’
Wayeseyala ukuba babhabhadiswe egameni leNkosi. Base bemncenga ukuba ahlale nabo izinsukwana.
Kepha manje-ke nginibhalela ukuba ningazibandakayi nomuntu obizwa ngokuthi ungumzalwane, kodwa ebe eyisifebe, noma ohahayo, noma okhonza izithombe, noma othuka inhlamba, noma eyisidakwa, noma engumphangi; ningalokothi nidle nomuntu onjalo.
Ngokuba bengakafiki abanye ababevela kuJakobe, wayedla nabezizwe, kodwa lapho sebefikile, wamonyuka, wazehlukanisa nabo, ngokuba esaba abokusoka.
Uma kufika kini umuntu, engafundisi lesi sifundiso, ningamemukeli endlini yenu, futhi ningambingeleli.