njengalokhu basinika zona labo ababekhona kwasekuqaleni, bezibonela ngamehlo, futhi beyizikhonzi zezwi,
IzEnzo 10:39 - IsiZulu 2020 “Thina singofakazi bazo zonke izinto azenzayo ezweni labaJuda naseJerusalema, Yena lo bambulala ngokumphanyeka emthini. IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Nathi singofakazi bezinto zonke azenzayo ezweni labaJuda naseJerusalema yena abambulalayo bemphanyeka emthini. Baasraak Zulu New Testament Bible Nathi singofakazi bezinto zonke azenzayo ezweni labaJuda naseJerusalema; abambulala, bamphanyeka esihlahleni; Contemporary Zulu Bible 2024 Nathi singofakazi bezinto zonke azenzayo ezweni labaJuda naseJerusalema; abambulala, bamphanyeka esihlahleni; |
njengalokhu basinika zona labo ababekhona kwasekuqaleni, bezibonela ngamehlo, futhi beyizikhonzi zezwi,
kusukela embhabhadisweni kaJohane kuze kube wusuku akhushulwa ngalo kithi, enye yawo ibe ngufakazi kanye nathi, wokuvuka kwakhe.”
Kepha nizakwamukeliswa amandla, uMoya oNgcwele esefikile phezu kwenu, nibe ngofakazi bami eJerusalema, eJudiya lonke naseSamariya, kuze kube sekugcineni komhlaba.”
hhayi kubantu bonke, kodwa kithina esingofakazi ababekhethwe nguNkulunkulu phambilini, esasidla siphuza naye, emva kokuba esemvusile kwabafileyo.
Wabonwa izinsuku eziningi yilabo ayekhuphuke nabo eGalile, waya eJerusalema, asebengofakazi bakhe manje kubantu.
makwazeke kini nonke nasesizweni sonke sakwa-Israyeli ukuthi ngegama likaJesu uKhristu waseNazaretha enambethela esiphambanweni, uNkulunkulu amvusayo kwabafileyo, kungaye lo muntu emi phambi kwenu, esindile.
Yimuphi kubaphrofethi ongahlushwanga ngokhokho benu na? Bababulala ababememezela phambilini ukuza koLungileyo, nani manje seningabakhapheli nababulali bakhe.
UKhristu wasihlenga esiqalekisweni somthetho ngokwenziwa abe yisiqalekiso ngenxa yethu, ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Baqalekisiwe bonke abalengiswa emthini,”
owathwala izono zethu emzimbeni wakhe, emthini, ukuze kuthi sesifile ezonweni, siphile ekulungeni. Ngemivimbo yakhe naphiliswa,