Abantu abaningi bayofika, bathi: “Wozani senyukele entabeni kaSimakade, endlini kaNkulunkulu kaJakobe, ukuze asifundise izindlela zakhe, sihambe emikhondweni yakhe,” ngokuba umthetho uyakuphuma eZiyoni, nezwi likaSimakade, eJerusalema.
IzEnzo 10:24 - IsiZulu 2020 Kwathi ngosuku olulandelayo bafika eKhesariya. UKhorneliyu wayebalindele, esememe izihlobo nabangani bakhe abakhulu. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngangomuso bangena eKesariya. UKorneliyu wayebalindele esebizile izihlobo nabangane bakhe abakhulu. Baasraak Zulu New Testament Bible Ngangomuso bangena eKesariya. UKorneliyu wayebalindile, esebizele ndawonye izihlobo zakhe nabangane abaseduze. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngangomuso bangena eKesariya. UKorneliyu wayebalindile, esebizele ndawonye izihlobo zakhe nabangane abaseduze. |
Abantu abaningi bayofika, bathi: “Wozani senyukele entabeni kaSimakade, endlini kaNkulunkulu kaJakobe, ukuze asifundise izindlela zakhe, sihambe emikhondweni yakhe,” ngokuba umthetho uyakuphuma eZiyoni, nezwi likaSimakade, eJerusalema.
Izizwe eziningi ziyakufika zithi: “Wozani, masikhuphukele entabeni kaSimakade, nasendlini kaNkulunkulu kaJakobe, ukuze asifundise ezindleleni zakhe, size sikwazi ukuhamba emikhondweni yakhe, ngokuba eZiyoni kuyakuvela umthetho, nezwi likaSimakade eJerusalema.
“ ‘Ngalolo lusuku, yilowo nalowo uyakumema umakhelwane wakhe, phansi komvini naphansi komkhiwane.’ ”
UJesu esefikile esifundeni saseKhesariya Filiphi wababuza abafundi bakhe, wathi: “Abantu bathi iNdodana yomuntu ingubani na?”
ULevi wamenzela uJesu idili elikhulu endlini yakhe. Kwakukhona isixuku sabathelisi esikhulu nabanye ababehleli nabo esidlweni.
Kwakukhona indoda ethile eKhesariya, igama layo kunguKhorneliyu, iyinduna yekhulu yebutho okuthiwa elase-Ithaliya.
Kepha uFiliphu wafunyanwa e-Azothu, ehamba eshumayela ivangeli kuyo yonke imizi, waze wayofika eKhesariya.