Isizathu sokuba liphindwe kabili iphupho kuFaro ngukuthi uNkulunkulu usekunqumile lokhu, futhi uzosheshe akwenze.
IzEnzo 10:16 - IsiZulu 2020 Lokhu kwenzeka kwaze kwaba kathathu, isitsha sase senyuselwa ezulwini ngokuphazima kweso. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Lokho kwaphindwa kathathu; isitsha senyuselwa masinyane ezulwini. Baasraak Zulu New Testament Bible Lokho kwenzeka kathathu; isitsha senyuselwa futhi ezulwini. Contemporary Zulu Bible 2024 Lokho kwenzeka kathathu; isitsha senyuselwa futhi ezulwini. |
Isizathu sokuba liphindwe kabili iphupho kuFaro ngukuthi uNkulunkulu usekunqumile lokhu, futhi uzosheshe akwenze.
UMoya kaNkulunkulu wangiphakamisa, wangiyisa nombono kulabo ababethunjelwe eKhalideya. Umbono engangiwubonile wenyuka, wasuka kimi,
UJesu wathi kuye okwesithathu: “Simoni kaJona, uyangithanda na?” UPhethro wadabuka, ngokuba wathi kuye ngokwesithathu: “Uyangithanda na?” Wathi kuJesu: “Nkosi, Wena wazi konke, uyazi ukuthi ngiyakuthanda.” UJesu wathi kuye: “Yondla izimvu zami.
Izwi laphinda ngokwesibili lathi kuye: “Ungasho ukuthi kungcolile lokho uNkulunkulu akuhlambululile!”
Esamangele uPhethro ukuthi lo mbono awubonile ngabe uchaza ukuthini, amadoda ayethunywe nguKhorneliyu, ayesemi ngasesangweni, emva kokuba esebuzile ukuthi ngabe yiyo yini indlu kaSimoni.
Lokhu sekungokwesithathu ngiza kini. “Noma yiliphi izwi malifakazelwe ngomlomo wofakazi ababili noma abathathu, bese liyaqiniswa.”