Bahlukaniswa ngokonkatho, ngokuba phakathi kwabo kwakukhona izikhulu zendlu engcwele nezikhulu zikaNkulunkulu ozalweni luka-Eleyazare noluka-Ithamari.
IzEnzo 1:26 - IsiZulu 2020 Base bebenzela unkatho, lwadla uMathiyase; wayesebalwa kanye nabaphostoli abali-11. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Base bebenzela inkatho; yadla uMathiya; wabalwa kanye nabaphostoli abayishumi nanye. Baasraak Zulu New Testament Bible Basebebenzela inkatho; inkatho yadla uMathiyasi; wabalwa kanye nabaphostoli abayishumi nanye. Contemporary Zulu Bible 2024 Basebebenzela inkatho; inkatho yadla uMathiyasi; wabalwa kanye nabaphostoli abayishumi nanye. |
Bahlukaniswa ngokonkatho, ngokuba phakathi kwabo kwakukhona izikhulu zendlu engcwele nezikhulu zikaNkulunkulu ozalweni luka-Eleyazare noluka-Ithamari.
“Thina baphristi, abaLevi, nabantu bonke, senze unkatho lokuthi minyaka yonke silethe umnikelo wezinkuni endlini kaNkulunkulu wethu, ngokwezindlu zokhokho, ngezikhathi ezinqunyiweyo, ukuze zibaswe phezu kwe-althare likaSimakade uNkulunkulu wethu, njengokulotshwe emthethweni.
Abaholi babantu bahlala eJerusalema; abantu abaseleyo benza unkatho, bakhetha oyedwa kwabalishumi ukuba ayohlala eJerusalema, umuzi ongcwele, nabayisishiyagalolunye emizini yakubo.
U-Aroni uyakwenza unkatho ngezimpongo zombili, olunye unkatho lube ngolukaSimakade, olunye unkatho lube ngoluka-Azazeli.
Amatilosi ahlanganisa amakhanda, athi: “Wozani senze unkatho, sibone ukuthi ngubani oyimbangela yalobu bubi obusehlelayo na? Alwenza-ke unkatho, lwadla uJona.”
Abaphostoli babuthana kuJesu, bambikela konke ababekwenzileyo nabakufundisileyo.
Base baphakamisa ababili, uJosefa okuthiwa nguBharisabha, owayebizwa futhi ngokuthi nguJustu kanye noMathiyase.
Esezibhubhisile izizwe eziyisikhombisa eKhanani, wababela izwe lazo, laba yifa labo.
Wayesesukuma uPhethro nabali-11, waphakamisa izwi lakhe, wathi kubo: “Madoda akwaJuda nani nonke enakhileyo eJerusalema, makwazeke lokhu kini, ngipheni indlebe, nilalele amazwi ami.
Ifa labo lehlukaniswa ngonkatho, njengalokhu uSimakade ayemyalile uMose maqondana nezizwana eziyisishiyagalolunye nengxenye.
UJoshuwa eseShilo wabenzela unkatho phambi kukaSimakade, wababela izwe abakwa-Israyeli kwayilowo nalowo waba nesabelo sakhe.
Ugange lomuzi lwalunezisekelo ezili-12, phezu kwazo kulotshwe amagama abaphostoli beWundlu abali-12.