Zabambana ngezihluthu, yileyo naleyo yagwaza enye ohlangothini, zawa kanyekanye. Yingakho leyo ndawo ibizwa ngokuthi yiHelikhathi Hazurimi, iseGibheyoni.
IzEnzo 1:19 - IsiZulu 2020 Lokho kwaziwa yibo bonke abakhe eJerusalema, yaze leyo nsimu yaqanjwa igama ngolimi lwakubo, kwathiwa i-Akheldama, okusho ukuthi iNsimu Yegazi. IBHAYIBHELI ELINGCWELE kwaziwa yibo bonke abakhileyo eJerusalema, yaze yaqanjwa leyo nsimu ngolimi lwakubo ngokuthi i-Akeldama, okungukuthi iNsimu Yegazi. Baasraak Zulu New Testament Bible Kwakwaziwa yibo bonke abakhileyo eJerusalema; kuze kuthi leyo nsimu ngolimi lwabo ngokuthi i-Akeldama, okungukuthi iNsimu yegazi. Contemporary Zulu Bible 2024 Kwakwaziwa yibo bonke abakhileyo eJerusalema; kuze kuthi leyo nsimu ngolimi lwabo ngokuthi i-Akeldama, okungukuthi iNsimu yegazi. |
Zabambana ngezihluthu, yileyo naleyo yagwaza enye ohlangothini, zawa kanyekanye. Yingakho leyo ndawo ibizwa ngokuthi yiHelikhathi Hazurimi, iseGibheyoni.
USimakade wathi kimi: “Ziphonse kumbumbi,” kwakuyinani elikhulu ababengilinganise nalo. Ngathatha kubo izinhlamvu zesiliva ezingama-30 ngaziphonsa kumbumbi endlini kaSimakade.
Abalindi bayithatha imali, benza njengalokhu beyaliwe. Lolo daba lwasabalala kubaJuda kuze kube namuhla.
“Madoda akwa-Israyeli, lalelani lawa mazwi: uJesu waseNazaretha, indoda efakazelwe nguNkulunkulu phambi kwenu ngemisebenzi yamandla, ngezimangaliso nangezibonakaliso uNkulunkulu azenza ngaye phambi kwenu, njengalokhu nani luqobo nazi,
Esemvumele, uPawula wema esikhwelweni, wathulisa abantu ngesandla. Kwase kuthula kuthi cwaka, wayesekhuluma ngolimi lwesiHebheru, ethi: