Wathi: “Ucele into elukhuni, nokho-ke uma ungibona lapho ngisuswa kuwe, kuyokwenzeka kanjalo kuwe, kodwa uma ungangibonanga, akuyukuba kanjalo.”
IzEnzo 1:10 - IsiZulu 2020 Bathi besagqolozele ezulwini ehamba, kwabonakala amadoda amabili emi ngakubo, egqoke izingubo ezimhlophe, IBHAYIBHELI ELINGCWELE Bathi besagqolozela ezulwini emuka, bheka, amadoda amabili ayemi kubo, embethe izingubo ezimhlophe, Baasraak Zulu New Testament Bible Kwathi besagqolozele ezulwini enyuka, bheka, amadoda amabili emi ngakubo embethe izingubo ezimhlophe; Contemporary Zulu Bible 2024 Kwathi besagqolozele ezulwini enyuka, bheka, amadoda amabili emi ngakubo embethe izingubo ezimhlophe; |
Wathi: “Ucele into elukhuni, nokho-ke uma ungibona lapho ngisuswa kuwe, kuyokwenzeka kanjalo kuwe, kodwa uma ungangibonanga, akuyukuba kanjalo.”
“Kuthe ngisabuka, kwase kubekwa izihlalo zobukhosi, kwahlala omdala wezinsuku. Izembatho zakhe zazimhlophe njengeqhwa, izinwele ekhanda lakhe zinjengoboya bezimvu obuhlanzekileyo. Isihlalo sakhe sobukhosi sasingamalangabi omlilo, amasondo aso engumlilo ovuthayo.
Waphenduka esinye isimo bezibonela ngawabo; ubuso bakhe bakhanya njengelanga, izingubo zakhe zaba mhlophe njengokukhanya.
Kuthe sebengena ethuneni, babona insizwa ihlezi ngakwesokunene, yembethe ingubo emhlophe; bethuka.
Kwathi besakhungathekile yilokho, babona nanko amadoda amabili emi eduze kwabo, egqoke izingubo ezicwebezelayo.
wabona izingelosi ezimbili zembethe okumhlophe, zihleli. Enye yayingasekhanda, enye ingasezinyaweni, lapho isidumbu sikaJesu besibekwe khona.
Waba nombono lapho abona kuwo ngokusobala ingelosi kaNkulunkulu ifika kuye, cishe ngehora lesishiyagalolunye emini, ithi: “Khorneliyu!”
UKhorneliyu wathi: “Kuthe ngikhuleka ngehora lesishiyagalolunye endlini yami, ezinsukwini ezine ezedlule, ngabonasekumi phambi kwami indoda eyayembethe ingubo ekhazimulayo,
“ ‘Nokho kusekhona abantu abambalwa eSardesi abangazingcolisanga izingubo zabo. Bayakuhamba nami bembethe ezimhlophe, ngokuba bafanele.
Ngase ngithi kulo: “Nkosi yami, nguwena owaziyo.” Lase lithi kimi: “Laba yibo abaphuma osizini olukhulu, bahlanza izingubo zabo, bazenza zaba mhlophe egazini leWundlu.