IzAga 1:2 - IsiZulu 2020 Ngezokufunda ukuthi kuyini ukuhlakanipha, nokufundisa ukuqonda amazwi ajulile, IBHAYIBHELI ELINGCWELE zokwazi ukuhlakanipha nokulaywa, nokwahlukanisa amazwi okuqonda, Contemporary Zulu Bible 2024 ukwazi ukuhlakanipha nokulaywa; ukuqonda amazwi okuqonda; |
Kuhle kangakanani ukuzuza ukuhlakanipha kunegolide, nokuzuza ukuqonda kunesiliva lekhethelo!
Yini ukuba isiwula sibe nemali yokuthenga ukuhlakanipha esandleni, sibe singenangqondo na?
Yisho kukho ukuhlakanipha uthi: “Wena ungudadewethu,” ubize ukuqonda, ukubize ngokuthi yisihlobo sakho,
Nina eningenalwazi qondani ukuhlakanipha; nani ziwula, yibani nenhliziyo eqondayo.