IsiLilo 5:22 - IsiZulu 2020 ngaphandle uma ususilahle unomphelo, wasithukuthelela kakhulu. IBHAYIBHELI ELINGCWELE ngokuba usilahlile nokusilahla, wasithukuthelela kakhulu. Contemporary Zulu Bible 2024 Kodwa wena usilahlile ngokupheleleyo; usithukuthelele kakhulu. |
Besaba kakhulu, kube kungekho okwesabisayo. UNkulunkulu uwasakazile amathambo alowo okuvimbezelayo. Wena uzobathela ngehlazo, ngokuba uNkulunkulu ubalahlile.
Nkulunkulu, usilahleleni kwaze kwaba phakade na? Izimvu zedlelo lakho uzithunqiselelani ngentuthu yolaka lwakho na?
Kuyoze kube nini, Simakade, ulokhu uthukuthele, isifithifithi solaka lwakho sivutha njengomlilo na?
Simakade, ungathukutheli kakhulu, ungazikhumbuli iziphambeko zethu kuze kube phakade. Sonke phela singabantu bakho.
Ngabe uJuda usumlahle impela na? Umphefumulo wakho usunengiwe yini iZiyoni na? Usishayeleni size singabi nakuphiliswa na? Besibheke ukuthula, kodwa akukho okuhle; nesikhathi sokusindiswa, kodwa luvalo lodwa.
Gunda izinwele zakho, Jerusalema, uzilahle, ukhihle isililo emagqumeni aphakemeyo angamaqwaqwasi, ngokuba uSimakade ukwalile, usilahlile isizukulwane sentukuthelo yakhe.
“ ‘Ekungcoleni kwakho ngenxa yobufebe ngakuhlambulula, kodwa awuhlambulukanga ekungcoleni kwakho, ngeke uphinde uhlanzeke ngize ngilwanelise ulaka lwami, ngimelene nawe.
Wayesethi kimi: “Ndodana yomuntu, lawa mathambo ayindlu yonke yakwa-Israyeli, bathi: ‘Bheka, amathambo ethu omile, siphelelwe yithemba, sibhujisiwe.’
UGomeri wabuye wakhulelwa, wazala indodakazi. USimakade wathi kuHoziya: “Iqambe igama uthi: ‘uLo Ruhama,’ ngokuba angisayukuphinde futhi ngiyizwele indlu yakwa-Israyeli ukuba impela ngibathethelele.