IsiLilo 5:13 - IsiZulu 2020 Izinsizwa zithwaliswa amatshe okusila. Abafana babhamazeliswa yimithwalo yezinkuni. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Izinsizwa zathwala amatshe okugaya, abantwana bakhubeka phansi kwezinkuni. Contemporary Zulu Bible 2024 Athatha izinsizwa ukuba zigaye, abantwana bawela phansi kwezinkuni. |
AbaseGibhithe baqoka abaphathi bezigqila ukuze babagqilaze abantu bakwa-Israyeli ngokubaphoqa ukwenza umsebenzi onzima, bamakhele uFaro imizi yokugcina izinto ePhithomi naseRamesesi.
Wonke amazibulo eGibhithe azokufa, kusukela ezibulweni likaFaro ohleli esihlalweni sobukhosi kuya ezibulweni elizalwa ngowesifazane oyisigqila ogwedla isigayo, nawo wonke amazibulo emfuyo.
Langa limbe uMose esekhulile, waya kubantu bakubo, wabubona ubunzima ababebuthwele; wabona umGibhithe eshaya umHebheru ongomunye wabantu bakubo.
Uma ubona imbongolo yalowo okuzondayo ipatalele phansi komthwalo, uyoyeka yini ukuyikhulula? Yelekelele ukuze ikhululeke.
Thatha amatshe okusila, ugaye impuphu, susa imvakazi yakho, ukhumule ingubo yakho, wembule imilenze, uwele imifula.
“Ukuzila engikukhethileyo akukhona yini lokhu: ukuthukulula izibopho zenkohlakalo, ukukhumula izitilobho ejokeni, ukukhulula abacindezelweyo, nokuphula wonke amajoka na?
Abantwana batheza izinkuni, oyise baphemba umlilo, abesifazane baxova inhlama yokwenzela inkosikazi yezulu amaqebelengwane, bathululele abanye onkulunkulu umnikelo wokuphuzwayo ukuba bachukuluze ulaka lwami.
Babopha imithwalo enzima, bayibeke emahlombe abantu, kodwa bona abafuni ngisho ukuyithinta ngomunwe wabo.
AmaFilisti ambamba, amkhipha amehlo, amehlisela eGaza, ambopha ngamaketanga ethusi. Wagwedla isigayo ejele.