Abantwana babo bayophohlozwa bebuka, izindlu zabo ziphangwe, omkabo badlwengulwe.
IsiLilo 5:11 - IsiZulu 2020 Badlwengula abesifazane eZiyoni, nezintombi emizini yakwaJuda. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Balala nabesifazane eSiyoni, izintombi zasemizini yakwaJuda. Contemporary Zulu Bible 2024 Badumaza abesifazane baseZiyoni, nezigqilakazi emizini yakwaJuda. |
Abantwana babo bayophohlozwa bebuka, izindlu zabo ziphangwe, omkabo badlwengulwe.
Ngiyakuhlanganisa zonke izizwe zilwe neJerusalema. Ziyakudla umuzi; ziphange izindlu, kudlwengule abesifazane, ingxenye yomuzi iyiswe ekuthunjweni, kodwa abantu abaseleyo abayukubulawa emzini.
“Uyakuthembisana umendo nowesifazane, omunye amdlwengule alale naye; uyakukwakha indlu, ungahlali kuyo; uyakutshala isivini, ungazikhi izithelo zaso.